- Funani okuhle, hhayi okubi,
ukuze niphile,
abe nani uJehova uNkulunkulu Sebawoti kanjalo,
njengalokhu nisho. - Ngokuba usho kanje uJehova kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi:
“Ngifuneni, niphile.” - Kepha ukwahlulela makugobhoze njengamanzi,
nokulunga njengomfula onganqamukiyo. - Ngokuba iNkosi uJehova ayenzi lutho,
ingayambulanga imfihlakalo yayo ezincekwini zayo abaprofethi. - Yiyona ewakhayo amakamelo ayo aphezulu ezulwini,
isekele igobela lawo emhlabeni;
yiyona ewabizayo amanzi olwandle,
iwathululele ebusweni bomhlaba;
nguJehova igama layo. - Ngokuba bheka, owabumba izintaba,
nowawudala umoya,
otshela umuntu umqondo wakhe,
owenza ukusa kube ngubumnyama,
onyathela ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba,
igama lakhe linguJehova,
uNkulunkulu Sebawoti.
Izihloko ezihlobene
Ukufuna
Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifunisisa...
Indalo
Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu...
Ubungcwele
Lokhu sinalezo zithembiso, bathandwa...
Umvuzo
Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
Umthetho
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Amavesi eBhayibheli osuku
Kodwa okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa.Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Ubusisiwe umuntu othemba kuJehova,nothemba lakhe linguJehova.
Ngokuba uyakuba njengomuthi otshalwe ngasemanzini,
ozenabisa izimpande zawo ngasemfuleni,
ongesabi lapho kufika ukushisa,
amaqabunga awo abe luhlaza,
angabi naluvalo ngomnyaka wesigagadu,
anganqamuki ukuthela izithelo.Ivesi elilandelayo
