DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ubungcwele (2/2)

  • Hlabelelani kuNkulunkulu,
    nidumise igama lakhe;
    menzeleni umendo lowo odabula amahlane;
    igama lakhe linguJehova;
    yethabani phambi kwakhe,
    uyise wezintandane,
    umahluleli wabafelokazi,
    uNkulunkulu endlini yakhe engcwele.
  • Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo, ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo.
  • Uma umuntu echitha ithempeli likaNkulunkulu, uNkulunkulu uyakumchitha yena, ngokuba ithempeli likaNkulunkulu lingcwele; niyilo-ke nina.
  • Ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu, ukungcweliswa kwenu, ukuba nidede ebufebeni ukuba yilowo nalowo kini akwazi ukuhlala nomkakhe ngobungcwele nangokuhlonipha, kungabi ngokushisa kwenkanuko njengabezizwe abangamazi uNkulunkulu.
  • Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele,
    ngokuba zonke izindlela zakhe zingukulunga;
    unguNkulunkulu wokuthembeka ongenakonakala;
    ulungile, uqotho yena.

Amavesi eBhayibheli osuku

Owephuza ukuthukuthela muhle kuneqhawe,
nobusa umoya wakhe kunonqoba umuzi.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enensolo komunye; njengokuba neNkosi yanithethelela, yenzani njalo nani.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela