- Ngubani ohlakaniphile, aqonde lezi zinto;
ngubani onomqondo, azazi, na?
Ngokuba izindlela zikaJehova zilungile;
abalungileyo bayakuhamba ngazo,
kepha abaphambukayo bayakukhubeka ngazo. - Thabathani amazwi,
nibuyele kuJehova,
nithi kuye:
“Susa konke okubi,
wamukele okuhle,
sinikele ngemilomo yethu njengangezinkunzi.” - Basutha njengamadlelo abo;
basutha, nenhliziyo yabo yaphakama;
ngalokho bangikhohliwe. - Nokho nginguJehova uNkulunkulu wakho
kwasezweni laseGibithe;
ngaphandle kwami awazi Nkulunkulu,
nomsindisi akakho ngaphandle kwami.
Izihloko ezihlobene
Inhlakanipho
Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha...
Ukuqonda
Ngibize, ngiyakukuphendula, ngikutshele izinto...
Ukulunga
Olandela ukulunga nomusa uyafumana...
Ukuguqulwa
Bazithobe abantu bami ababizwa...
Intethelelo
Osibekela isiphambeko ufuna uthando...
Ukuthanda izinto ezibambekayo
Ngokuba asilethanga lutho ezweni...
Amavesi eBhayibheli osuku
Yenama ngosuku lwenhlanhla,kepha ngosuku olubi qonda ukuthi
nalolu uNkulunkulu ulwenzile njengalolo,
ukuze umuntu angafumani lutho
oluyakuba khona emva kwakhe.
