- Uyambula okujulileyo nokufihlakeleyo;
uyazi okusebumnyameni,
nokukhanya kuhlezi kuye. - Kalokhu-ke mina Nebukadinesari ngiyatusa, ngiyaphakamisa, ngiyidumisa iNkosi yezulu, ngokuba yonke imisebenzi yayo iyiqiniso, nezindlela zayo zingukwahlulela; abahamba ngokuzidla inamandla okubathobisa.
- Ngangingadli isinkwa esithandiweyo, nenyama newayini akungenanga emlonyeni wami, futhi angizigcobanga nakanye kwaze kwaphelela amasonto amathathu.
- Ngiyakubonga, ngikudumise wena Nkulunkulu wawobaba
ongiphile ukuhlakanipha namandla,
wangazisa esasikucela kuwe,
ngokuba usazisile indaba yenkosi. - Sonile, siziphathe kabi, senzile okubi, sihlubukile, sachezuka emiyalweni yakho nasezahlulelweni zakho.
- Abaningi bayakuzihlanza, bazenze mhlophe, bacwengisiswe, kepha ababi bayakwenza kabi, kodwa akayikuqonda noyedwa omubi; nokho abahlakaniphileyo bayakuqonda.
Izihloko ezihlobene
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
Khulekela
Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa...
Inhlakanipho
Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha...
USomandla
Ngobakho, Jehova, ubukhulu, namandla...
Okubi
Unganqotshwa ngokubi, kodwa nqoba...
UNkulunkulu
UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ngokuba inyama ikhanuka okuphambene noMoya, kepha uMoya ukhanuka okuphambene nenyama; ngokuba lezi zinto ziyamelana, ukuze ningenzi lokho enikuthandayo.Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Ngenxa yokuba ubuyigugu emehlweni ami,futhi ubudumile, uthandekile kimi,
ngiyakunika abantu esikhundleni sakho,
nezizwe esikhundleni sokuphila kwakho.Ivesi elilandelayo
