- Ngokuba nidinga ukubekezela, ukuze seniyenzile intando kaNkulunkulu namukele isithembiso.
- Ngokuba abokwenyama banaka okwenyama, kepha abakaMoya banaka okukaMoya.
- Ngiyathanda ukwenza intando yakho,
Nkulunkulu wami,
nomthetho wakho usenhliziyweni yami. - Kepha ngabayala kuphela le nto yokuthi: Lalelani izwi lami, ngiyakuba nguNkulunkulu wenu, nina nibe ngabantu bami, nihambe ngezindlela zonke enganiyala ngazo ukuba kube kuhle kini.
- Ophendula indlebe yakhe ekuzweni umthetho,
nomkhuleko wakhe uyisinengiso. - Kepha owenza iqiniso uyeza ekukhanyeni, ukuze imisebenzi yakhe ibonakaliswe ukuthi yenziwe kuNkulunkulu.
- Mina ngingumvini owonawona, uBaba ungumlimi. Yilelo nalelo gatsha elikimi, elingatheli izithelo, uyalisusa. Yilelo nalelo elithela izithelo uyalihlunga ukuba lithele kakhulu.
- UJehova wasiyala ukwenza zonke lezo zimiso, simesabe uJehova uNkulunkulu wethu, kube kuhle kithi njalo, ukuba asiphe siphile njenganamuhla.
- Abantu bathi kuJoshuwa: “UJehova uNkulunkulu wethu siyakumkhonza, sililalele izwi lakhe.”
- Labo abafuna ngokukhuthazela ekwenzeni okuhle inkazimulo nodumo nokungabhubhi bothola ukuphila okuphakade.
Izihloko ezihlobene
Umthetho
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Isibusiso
UJehova makakubusise, akulondoloze; uJehova...
Ukulalela
Niyakwazi lokho, bazalwane bami...
Ukulandela
Niyakuhamba njalo endleleni uJehova...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
IZwi likaNkulunkulu
Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ngokuba thina siyizisebenzi kanye noNkulunkulu, nina niyinsimu kaNkulunkulu, niyisakhiwo sikaNkulunkulu.Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Ukuze sisho ngesibindi, sithi:“INkosi ingumsizi wami, angiyikwesaba;
umuntu angangenzani na?”Ivesi elilandelayo
