- Kepha yena onemfuyo yezwe, ebona umzalwane wakhe eswele, amvalele isihawu sakhe, uthando lukaNkulunkulu lungahlala kanjani kuye na?
- Akakho ongakhonza amakhosi amabili. Ngokuba uyakuzonda enye, athande enye, noma abambelele kwenye, adelele enye. Ningekhonze uNkulunkulu noMamona.
- UJehova uyisabelo sami,
usho umphefumulo wami;
ngakho ngiyakwethemba kuye. - Njengabadabukileyo kepha siyathokoza njalo, njengabampofu kepha sicebisa abaningi, njengabangenalutho kanti sinakho konke.
- Lapho okuhle kwanda,
nabakudlayo bayanda;
kulusizo luni kumninikho
ngaphandle kokuba akubone ngamehlo akhe na? - Futhi ngabona wonke umshikashika nakho konke okwenziwe ngekhono ukuthi kungumhawu womuntu ngomakhelwane wakhe. Nalokho kuyize nokufuna umoya.
- Waphendula, wathi kubo: “Onezingubo ezimbili akamuphe ongenayo; naye onokudla enze njalo.”
- Ihlawulo lokuphila komuntu liyingcebo yakhe,
kepha ompofu akezwa ukukhuzwa. - Basutha njengamadlelo abo;
basutha, nenhliziyo yabo yaphakama;
ngalokho bangikhohliwe. - Ungafisi indlu yomakhelwane wakho; ungafisi umfazi womakhelwane wakho, nenceku yakhe, nencekukazi yakhe, nenkabi yakhe, nembongolo yakhe, nokunye okomakhelwane wakho.
Izihloko ezihlobene
Imali
Ukwenza kwenu makungabi ngokokufisa...
Ukwemana
Othanda imali akayikusutha ngemali...
Izifiso
Kepha ngithi: Hambani ngoMoya...
Ukuhlupheka
UJesu wathi kuye: “Uma...
Ukudla
Ngokuba usuthisa umphefumulo olangazelayo...
Ukwaneliseka
Ngiyakwazi ukuba phansi, ngiyakwazi...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ingubani le Nkosi yenkazimulo na?UJehova Sebawoti
nguyena oyiNkosi yenkazimulo. Sela
Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Vuka ukhanye,ngokuba ukukhanya kwakho kuyeza;
inkazimulo kaJehova iphumela phezu kwakho.Ivesi elilandelayo