- Odla inyama yami, aphuze igazi lami, uhlala kimi, nami kuye.
- Ngokuba ngaMoya munye thina sonke sabhapathizwa sibe mzimba munye, noma singabaJuda noma singamaGreki, noma siyizigqila noma singabakhululekileyo; thina sonke saphuziswa Moya munye.
- Kodwa yembathani iNkosi uJesu Kristu, ninganakekeli inyama kuvuswe izinkanuko.
- Noma ngabela abampofu konke enginakho, noma nginikela umzimba wami ukuba ushiswe, kepha ngingenalo uthando, akungisizi ngalutho.
- Mina ngiyisinkwa esiphilayo esehla ezulwini. Uma umuntu edla lesi sinkwa, uyakuphila phakade; futhi-ke isinkwa engizakusinikela ngenxa yokuphila kwezwe siyinyama yami.
- Kanjalo amadoda afanele ukuthanda omkawo njengemizimba yawo. Othanda umkakhe uzithanda yena.
- Yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni siphile ekulungeni, oyena imivimbo yakhe naphulukiswa ngayo.
- Abafazi mabathobele amadoda abo kungathi kukuyo iNkosi, ngokuba indoda iyinhloko yomfazi, njengokuba noKristu uyinhloko yebandla, yena engumsindisi womzimba.
- Ngenxa yalokho umuntu uyakushiya uyise nonina, anamathele kumkakhe; labo ababili bayakuba nyamanye.
- Wayesethi kubo: “Kanti nani ningabangaqondiyo na? Aniqondi yini ukuthi konke okungaphandle okungena kumuntu kungemngcolise na? Ngokuba akungeni enhliziyweni yakhe, kodwa kungena esiswini, kuphumele ngaphandle, kuhlambulula ukudla konke.”
- Ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu, ukungcweliswa kwenu, ukuba nidede ebufebeni ukuba yilowo nalowo kini akwazi ukuhlala nomkakhe ngobungcwele nangokuhlonipha, kungabi ngokushisa kwenkanuko njengabezizwe abangamazi uNkulunkulu.
- Kepha imisebenzi yenyama isobala, engukuthi: ubufebe, nokungcola, namanyala, nokukhonza izithombe, nokuthakatha, nobutha, nokulwa, nomona, nokuthukuthela, nokubanga, nokwalana, nokwahlukana, nomhawu, nokudakwa, nokuxokozela, nokunjalo engandulela ukunitshela ngakho, njengokuba senganitshela ukuthi abenza okunje abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.
- Ngokuba abokwenyama banaka okwenyama, kepha abakaMoya banaka okukaMoya.
- Kepha kusukela ekuqaleni kokudalwa uNkulunkulu wabenza owesilisa nowesifazane. Ngenxa yalokho umuntu uyakushiya uyise nonina, anamathele kumkakhe; labo ababili bayakuba nyamanye; ngakho abasebabili, kepha sebenyamanye. Ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu makungahlukaniswa ngumuntu.
- Balekelani ubufebe. Zonke izono azenzayo umuntu zingaphandle komzimba; kepha owenza ubufebe wona owakhe umzimba.
- Besadla, uJesu wathabatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wanika abafundi bakhe, wathi: “Thabathani nidle; lokhu kungumzimba wami.”
Izihloko ezihlobene
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
Ucansi
Ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu...
Impilo
Niyakumkhonza uJehova uNkulunkulu wenu...
Umshado
Ofumana umfazi uthola okuhle...
Isonto
Masiqaphelane, ukuze kuvuswe uthando...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ukuqala kokuhlakanipha yilokhu:Zuza ukuhlakanipha;
yebo, ngakho konke okutholileyo zuza ukuhlakanipha.
Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Yena owakhile ekusithekeni koPhezukonkenohlezi emthunzini kaSomandla
uthi kuJehova: “Uyisiphephelo sami nenqaba yami
noNkulunkulu wami engimethembayo.”Ivesi elilandelayo
