- Wayesethabatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika, wathi: “Lokhu kungumzimba wami onikelwa nina; yenzani lokhu ukuba ningikhumbule.”
- Kodwa yembathani iNkosi uJesu Kristu, ninganakekeli inyama kuvuswe izinkanuko.
- Ngokuba ngaMoya munye thina sonke sabhapathizwa sibe mzimba munye, noma singabaJuda noma singamaGreki, noma siyizigqila noma singabakhululekileyo; thina sonke saphuziswa Moya munye.
- Yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni siphile ekulungeni, oyena imivimbo yakhe naphulukiswa ngayo.
- Noma ngabela abampofu konke enginakho, noma nginikela umzimba wami ukuba ushiswe, kepha ngingenalo uthando, akungisizi ngalutho.
- Kanjalo amadoda afanele ukuthanda omkawo njengemizimba yawo. Othanda umkakhe uzithanda yena.
- Mina ngiyisinkwa esiphilayo esehla ezulwini. Uma umuntu edla lesi sinkwa, uyakuphila phakade; futhi-ke isinkwa engizakusinikela ngenxa yokuphila kwezwe siyinyama yami.
- Ngenxa yalokho umuntu uyakushiya uyise nonina, anamathele kumkakhe; labo ababili bayakuba nyamanye.
- Abafazi mabathobele amadoda abo kungathi kukuyo iNkosi, ngokuba indoda iyinhloko yomfazi, njengokuba noKristu uyinhloko yebandla, yena engumsindisi womzimba.
- Ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu, ukungcweliswa kwenu, ukuba nidede ebufebeni ukuba yilowo nalowo kini akwazi ukuhlala nomkakhe ngobungcwele nangokuhlonipha, kungabi ngokushisa kwenkanuko njengabezizwe abangamazi uNkulunkulu.
- Wayesethi kubo: “Kanti nani ningabangaqondiyo na? Aniqondi yini ukuthi konke okungaphandle okungena kumuntu kungemngcolise na? Ngokuba akungeni enhliziyweni yakhe, kodwa kungena esiswini, kuphumele ngaphandle, kuhlambulula ukudla konke.”
- Kepha imisebenzi yenyama isobala, engukuthi: ubufebe, nokungcola, namanyala, nokukhonza izithombe, nokuthakatha, nobutha, nokulwa, nomona, nokuthukuthela, nokubanga, nokwalana, nokwahlukana, nomhawu, nokudakwa, nokuxokozela, nokunjalo engandulela ukunitshela ngakho, njengokuba senganitshela ukuthi abenza okunje abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.
- Ngokuba abokwenyama banaka okwenyama, kepha abakaMoya banaka okukaMoya.
- Balekelani ubufebe. Zonke izono azenzayo umuntu zingaphandle komzimba; kepha owenza ubufebe wona owakhe umzimba.
- Kepha kusukela ekuqaleni kokudalwa uNkulunkulu wabenza owesilisa nowesifazane. Ngenxa yalokho umuntu uyakushiya uyise nonina, anamathele kumkakhe; labo ababili bayakuba nyamanye; ngakho abasebabili, kepha sebenyamanye. Ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu makungahlukaniswa ngumuntu.
- Besadla, uJesu wathabatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wanika abafundi bakhe, wathi: “Thabathani nidle; lokhu kungumzimba wami.”
- Isibani somzimba yiso. Ngakho uma iso lakho lilihle, uzakukhanya umzimba wakho wonke. Kepha uma iso lakho lilibi, uzakuba mnyama umzimba wakho wonke. Ngakho uma ukukhanya okukuwe kungubumnyama, ubumnyama bukhulu kangakanani!
Izihloko ezihlobene
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
Ucansi
Ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu...
Impilo
Niyakumkhonza uJehova uNkulunkulu wenu...
Umshado
Ofumana umfazi uthola okuhle...
Isonto
Masiqaphelane, ukuze kuvuswe uthando...
Amavesi eBhayibheli osuku
“Mina ngingu-Alfa no-Omega,” kusho iNkosi uNkulunkulu, “okhona nowayekhona nozayo, uMninimandla onke.”Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Ungesabi, ngokuba mina nginawe;ungapheli amandla,
ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho;
ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza,
yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.Ivesi elilandelayo
