DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Amavesi EBhayibheli ngabafelokazi

  • Yazisa abafelokazi abangabafelokazi ngoqobo.
  • Ukukhonza okumhlophe okungenabala phambi kukaNkulunkulu uBaba yilokhu ukuhambela izintandane nabafelokazi osizini lwabo nokuzigcina kungabi yicala lokwezwe.
  • Aniyikuhlupha mfelokazi nentandane. Uma ubahlupha nakanjani, bakhale kimi nakancane, ngiyakuzwa nokuzwa ukukhala kwabo; ulaka lwami luyakuvutha, ngikubulale ngenkemba; omkenu babe ngabafelokazi, abantwana benu babe yizintandane.
  • Hlabelelani kuNkulunkulu,
    nidumise igama lakhe;
    menzeleni umendo lowo odabula amahlane;
    igama lakhe linguJehova;
    yethabani phambi kwakhe,
    uyise wezintandane,
    umahluleli wabafelokazi,
    uNkulunkulu endlini yakhe engcwele.
  • Fundani ukwenza okuhle,
    nifune ukwahlulela,
    niqondise abacindezeli,
    nahlulele izintandane,
    nimele umfelokazi.
  • Washo kanje uJehova Sebawoti, wathi: ‘Yahlulelani izahlulelo eziqinisileyo, nenze umusa nobubele, kube yilowo nalowo kumfowabo, ningacindezeli abafelokazi, nezintandane, nabafokazi, nabampofu, kungabi ngoceba okubi ngomfowabo enhliziyweni yakhe.’
  • UJehova uyalondoloza abafokazi;
    uyaphasa intandane nomfelokazi;
    kepha indlela yababi uyayiphambanisa.
  • Vula umlomo wakho,
    wahlulele ngokulunga,
    umele abahluphekayo nabampofu.
  • Ngokuba ngakhulula abampofu abakhalayo
    kanye nentandane engenamsizi.
    Isibusiso sobezakubhubha safika phezu kwami;
    ngenza inhliziyo yomfelokazi ukuba ihube ngokujabula.
  • Ngokuba uma nizilungisa nokuzilungisa izindlela zenu nezenzo zenu, uma nenza ukwahlulela impela phakathi komuntu nomakhelwane wakhe, uma ningacindezeli umfokazi, nentandane, nomfelokazi, ningachithi igazi elingenacala kule ndawo, futhi ningalandeli abanye onkulunkulu ukuba nilimale, ngiyakunakhisa kule ndawo ezweni engalinika oyihlo kusukela endulo kuze kube phakade.

Amavesi eBhayibheli osuku

Ingubani le Nkosi yenkazimulo na?
UJehova Sebawoti
nguyena oyiNkosi yenkazimulo. Sela

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho futhi elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela