- Jehova, uyangihlolisisa, uyangazi.
Uyakwazi ukuhlala kwami nokuvuka kwami,
uqonda umcabango wami ukude. - Ngokuba alikho izwi olimini lwami, Jehova,
ongalaziyo ngokupheleleyo. - Ngiyakuyaphi,
ngisuke emoyeni wakho, na?
Ngiyakubalekelaphi,
ngimuke ebusweni bakho, na?
Uma ngikhuphukela ezulwini,
wena ulapho;
uma ngendlala icansi lami endaweni yabafileyo, nangu wena. - Ngokuba wena uzenzile izinso zami,
wangaluka esiswini sikamame.
Ngiyakukubonga,
ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo;
imisebenzi yakho iyamangalisa;
umphefumulo wami uyakwazi kahle. - Ngihole, Nkulunkulu,
wazi inhliziyo yami;
ngilinge, wazi imicabango yami,
ubone, uma kukhona indlela yosizi kimi,
ungiholele endleleni yaphakade.
Izihloko ezihlobene
Imicabango
Ngihole, Nkulunkulu, wazi inhliziyo...
Ukuqonda
Ngibize, ngiyakukuphendula, ngikutshele izinto...
Ukufuna
Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifunisisa...
Ukukhuluma
Ukufa nokuphila kusemandleni olimi...
USomandla
Ngobakho, Jehova, ubukhulu, namandla...
UMoya
INkosi inguye uMoya; kepha...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ningaphindisi okubi ngokubi nokuthuka ngokuthuka, kepha kakhulu manibusise, ngokuba nabizelwa lokho ukuba nidle ifa lokubusiswa.Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni;usizo lwami luvelaphi na?
Usizo lwami luvela kuJehova
owenzile izulu nomhlaba.Ivesi elilandelayo
