- Jehova, uyangihlolisisa, uyangazi.
Uyakwazi ukuhlala kwami nokuvuka kwami,
uqonda umcabango wami ukude. - Ngokuba alikho izwi olimini lwami, Jehova,
ongalaziyo ngokupheleleyo. - Ngiyakuyaphi,
ngisuke emoyeni wakho, na?
Ngiyakubalekelaphi,
ngimuke ebusweni bakho, na?
Uma ngikhuphukela ezulwini,
wena ulapho;
uma ngendlala icansi lami endaweni yabafileyo, nangu wena. - Ngokuba wena uzenzile izinso zami,
wangaluka esiswini sikamame.
Ngiyakukubonga,
ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo;
imisebenzi yakho iyamangalisa;
umphefumulo wami uyakwazi kahle. - Ngihole, Nkulunkulu,
wazi inhliziyo yami;
ngilinge, wazi imicabango yami,
ubone, uma kukhona indlela yosizi kimi,
ungiholele endleleni yaphakade.
Izihloko ezihlobene
Imicabango
Ngihole, Nkulunkulu, wazi inhliziyo...
Ukuqonda
Ngibize, ngiyakukuphendula, ngikutshele izinto...
Ukufuna
Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifunisisa...
Ukukhuluma
Ukufa nokuphila kusemandleni olimi...
USomandla
Ngobakho, Jehova, ubukhulu, namandla...
UMoya
INkosi inguye uMoya; kepha...
Amavesi eBhayibheli osuku
Mina ngiyisinkwa esiphilayo esehla ezulwini. Uma umuntu edla lesi sinkwa, uyakuphila phakade; futhi-ke isinkwa engizakusinikela ngenxa yokuphila kwezwe siyinyama yami.Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Yena owakhile ekusithekeni koPhezukonkenohlezi emthunzini kaSomandla
uthi kuJehova: “Uyisiphephelo sami nenqaba yami
noNkulunkulu wami engimethembayo.”Ivesi elilandelayo
