DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Amavesi EBhayibheli ngzingelosi

  • Ingabe uthi ngingecele kuBaba angithumele manje amalegiyona ezingelosi adlula ishumi nambili na?
  • Malume njalo uthando lobuzalwane. Ningakhohlwa ukungenisa izihambi ngokuba ngalokho abanye bangenisa izingelosi bengazi.
  • Ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngezwi lenhlokomo, ngephimbo lengelosi enkulu nangecilongo likaNkulunkulu, nabafileyo kuKristu bayakuvuka kuqala, khona thina, esisekhona sisasele siyakuhlwithwa kanye nabo emafwini, sihlangabeze iNkosi emoyeni; kanjalo-ke siyakuba nayo iNkosi njalo.
  • Ingelosi yathi kubo: “Ningesabi; ngokuba bhekani, nginibikela izindaba ezinhle zokuthokoza okukhulu okuzakuba kubantu bonke.”
  • Ngiyakholwa ukuthi nakufa, nakuphila, nazingelosi, nababusi, nakho okukhona, nakho okuzayo, namandla, nakuphakama, nakujula, nanto enye edaliweyo akuyikuba namandla okusahlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKristu Jesu iNkosi yethu.
  • Noma ngikhuluma ngezilimi zabantu nezezingelosi, kepha ngingenalo uthando, ngiyithusi elikhencezayo nensimbi encencethayo.
  • Kodwa ingelosi yaphendula, yathi kwabesifazane: “Ningesabi nina; ngokuba ngiyazi ukuthi nifuna uJesu obebethelwe esiphambanweni; kakho lapha, ngokuba uvukile njengokusho kwakhe; zanini nibone indawo lapho ebelele khona.”
  • Ngithi kini: Kanjalo kukhona ukuthokoza phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu ngesoni sisinye esiphendukayo.
  • Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu,
    nokuthula emhlabeni kubantu abathokozelwa nguye.
  • Onqobayo uyakwembathiswa kanjalo izingubo ezimhlophe, negama lakhe angisoze ngalesula encwadini yokuphila, negama lakhe ngiyakulivuma phambi kukaBaba naphambi kwezingelosi zakhe.
  • Ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Mariya, ngokuba ufumene umusa kuNkulunkulu. Bheka, uzakukhulelwa, uzale indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu.”
  • Bathi besagqolozela ezulwini emuka, bheka, amadoda amabili ayemi kubo, embethe izingubo ezimhlophe, athi: “Madoda aseGalile, nimeleni nibheka ezulwini na? UJesu lo, osuswe kini enyuselwa ezulwini, uyakuza kanjalo, njengalokho nimbonile eya ezulwini.”
  • Kuvunyiwe ukuthi inkulu imfihlakalo yokukhonza uNkulunkulu yokuthi:
    Owabonakaliswa enyameni, walungisiswa emoyeni,
    wabonwa yizingelosi, washunyayelwa ezizweni,
    wakholeka ezweni, waphakanyiselwa enkazimulweni.
  • Esazindla ngalokho, bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala kuye ngephupho, ithi: “Josefa, ndodana kaDavide, ungesabi ukumthatha uMariya umkakho, ngokuba lokho akukhulelweyo kungoMoya oNgcwele.”

Amavesi eBhayibheli osuku

Ungasiphi thina, Jehova,
ungasiphi thina,
kepha uliphe igama lakho inkazimulo
ngenxa yomusa wakho nangenxa yeqiniso lakho.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Ningalingisi leli zwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibe ntsha ingqondo yenu, ukuze nibe nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu, okuhle, nokuthandekayo, nokupheleleyo.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela