- Babusisiwe abampofu emoyeni,
ngokuba umbuso wezulu ungowabo. - Babusisiwe abakhalayo,
ngokuba bayakududuzwa. - Babusisiwe abalambele,
bomele ukulunga,
ngokuba bayakusuthiswa. - Babusisiwe abanenhliziyo ehlanzekileyo,
ngokuba bayakubona uNkulunkulu. - Babusisiwe abalamulayo,
ngokuba bayakuthiwa abantwana bakaNkulunkulu. - Babusisiwe abazingelwa ngenxa yokulunga,
ngokuba umbuso wezulu ungowabo. - Nibusisiwe, nxa benithuka, benizingela, bekhuluma konke okubi ngani, beqamba amanga ngenxa yami.
- Nina ningusawoti womhlaba, kepha uma usawoti edumele, ubusawoti bovuswa ngani na? Akasasizi lutho, kuphela ukulahlwa ngaphandle, anyathelwe ngabantu.
- Nina ningukukhanya kwezwe. Umuzi owakhe entabeni ungesitheke.
- Nomuntu kasokheli isibani, asibeke phansi kwesitsha, kodwa usifaka othini; khona siyabakhanyisela bonke abasendlini. Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu ukuba babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.
- Ningathi ngize ukuchitha umthetho nabaprofethi; angizanga ukuchitha, ngize ukugcwalisa.
- Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Kuze kudlule izulu nomhlaba, akusoze kwadlula gamana linye nasicashana sinye somthetho, kuze kufezeke konke.
- Ngakho-ke oweqa owodwa kule miyalo emincinyane, afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa omncinyane embusweni wezulu; kepha oyigcinayo, ayifundise, lowo uyakuthiwa mkhulu embusweni wezulu.
- Nizwile kwathiwa: ‘Ungaphingi.’ Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo obuka owesifazane, amkhanuke, usephingile naye enhliziyweni yakhe.
- Uma iso lakho lokunene likukhubekisa, likhiphe, ulilahle; ngokuba kungcono kuwe ukuba kubhubhe sibe sinye ezithweni zakho kunokuba wonke umzimba wakho uphonswe esihogweni.
- Kepha mina ngithi kini: Ningafungi nakanye, noma izulu, ngokuba liyisihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu, noma umhlaba, ngokuba uyisenabelo sezinyawo zakhe, noma iJerusalema, ngokuba lingumuzi weNkosi enkulu.
- Kepha izwi lenu malibe ngokuthi: Yebo, yebo; qhabo, qhabo. Okudlula lokhu kuvela kokubi.
- Kepha mina ngithi kini: Thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nibaphathe kahle abanizondayo, nibakhulekele abanizingelayo.
- Ngakho-ke manibe ngabapheleleyo, njengokuba uYihlo wasezulwini ephelele.
Izihloko ezihlobene
Isibusiso
UJehova makakubusise, akulondoloze; uJehova...
IZulu
Ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla...
Umbuso
Kepha kanazi yini ukuthi...
Ukulunga
Olandela ukulunga nomusa uyafumana...
Ushushiso
Yebo, bonke abathanda ukuhamba...
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
Amavesi eBhayibheli osuku
Njengasemanzini ubuso bubhekana nobuso,injalo inhliziyo yomuntu kumuntu.