- Vuka, Jehova!
Nkulunkulu, phakamisa isandla sakho,
ungakhohlwa abahluphekileyo. - Ngokukhuleka konke nokunxusa, nikhuleka ngezikhathi zonke ngoMoya; kulokho nilinde ngesineke sonke nangokunxusela abangcwele bonke.
- Baba, ngithanda ukuba labo ongiphe bona nabo babe khona nami lapha ngikhona, ukuze babone inkazimulo yami ongiphe yona; ngokuba wangithanda, kungakasekelwa izwe.
- Yizwa umkhuleko wami, Jehova,
ulalele ukumemeza kwami;
ungathuli ngezinyembezi zami,
ngokuba ngingumfokazi kuwe;
ngiyisihambi njengokhokho bami bonke. - Ngibazisile igama lakho, ngizakubazisa lona ukuba uthando ongithande ngalo lube kubo, nami ngibe kubo.
- Usithethelele amacala ethu,
njengalokhu nathi sibathethelela
abanecala kithi. - Baqinisela njalo esifundisweni sabaphostoli, nasekuhlanganeni, nasekuhlephuleni isinkwa, nasemikhulekweni.
- Ungasingenisi ekulingweni,
kodwa usikhulule kokubi;
ngokuba umbuso ungowakho,
namandla, nenkazimulo,
kuze kube phakade. Amen. - Usiphe namuhla isinkwa sethu
semihla ngemihla. - Kwathi bekhonza iNkosi, bezila, uMoya oNgcwele wathi: “Ngahlukaniseleni oBarnaba noSawulu ukuba baye emsebenzini engibabizele wona.”
- Ngithi kini: Celani, niyakuphiwa; funani, niyakufumana; ngqongqothani, niyakuvulelwa.
- Ophendula indlebe yakhe ekuzweni umthetho,
nomkhuleko wakhe uyisinengiso. - Kanjalo, madoda, hlalani nabo ngokokwazi, njengalokhu owesifazane eyisitsha esibuthakathaka, nibanike udumo, lokhu beyizindlalifa zomusa wokuphila kanye nani, ukuze imikhuleko yenu ingathiywa.
- Ngiyakuqinisa indlu yakwaJuda,
ngisindise indlu yakwaJosefa,
ngibabuyise, ngokuba nginomusa kubo,
babe kungathi angizange ngibalahle,
ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wabo;
ngiyakubezwa. - Kwathi bebhapathiziwe abantu bonke, naye uJesu esebhapathiziwe, ekhuleka, izulu lavuleka, uMoya oNgcwele enesimo somzimba njengejuba wehlela phezu kwakhe; kwavela izwi ezulwini, lithi: “Wena uyiNdodana yami ethandekayo; ngithokozile ngawe.”
- Wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wanika abafundi ukuba babele isixuku. Badla, basutha bonke, kwabuthwa imvuthuluka eyasala kubo, iziqabetho eziyishumi nambili.
Izihloko ezihlobene
Ukulalela
Niyakwazi lokho, bazalwane bami...
Khulekela
Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa...
UMoya
INkosi inguye uMoya; kepha...
Ukukhuluma
Ukufa nokuphila kusemandleni olimi...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
UBaba
Njengoyise ehawukela abantwana bakhe...
Amavesi eBhayibheli osuku
Yilolu usuku alwenzileyo uJehova;siyakwethaba, sithokoze ngalo.
Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Ngizwise umusa wakho ekuseni,ngokuba ngiyethemba kuwe;
ngazise indlela engifanele ukuhamba ngayo,
ngokuba ngiphakamisela kuwe umphefumulo wami.Ivesi elilandelayo
