- Niyafisa, nokho aninalutho; niyabulala ninomhawu, nokho anizuzi lutho; niyalwa nenza impi. Aninalutho, ngokuba ningaceli.
- Ngokunjalo noMoya uyasisiza ebuthakathakeni bethu; ngokuba asikwazi esingakucela ngokufaneleyo, kodwa uMoya uqobo usikhulumela ngokububula okungenakuphinyiselwa.
- Jehova, ekuseni uyalizwa izwi lami;
ekuseni ngiyakuzibika kuwe, ngilinde. - Emini uJehova uyaleza umusa wakhe;
ebusuku isihlabelelo sakhe sikimi,
ngikhuleke kuNkulunkulu wokuphila kwami. - Jehova, yizwa umkhuleko wami,
ubeke indlebe ekuncengeni kwami;
ungiphendule ngokuthembeka kwakho nokulunga kwakho. - Sithandwa, kunakho konke ngikufisela ukuba ube nenhlanhla nokuphila, njengokuba umphefumulo wakho unenhlanhla.
- Lindani, nikhuleke ukuba ningangeni ekulingweni; umoya uyavuma, kepha inyama ibuthakathaka.
- Engcingweni yami ngakhuleka kuJehova,
uJehova wangiphendula endaweni ebanzi. - Ngokuba amehlo eNkosi aphezu kwabalungileyo,
izindlebe zayo zisekunxuseni kwabo,
kepha ubuso beNkosi buphezu kwabenza okubi. - Ngokuba ngiyazi ukuthi lokhu kuyakungenzela ukusindiswa ngokunxusa kwenu nangokusiza kukaMoya kaJesu Kristu.
- Ngakho-ke anokhuleka kanje, nithi:
“Baba wethu osezulwini,
malingcweliswe igama lakho;
mawufike umbuso wakho;
mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini. ” - Sase sizila-ke, sanxusa uNkulunkulu wethu ngalokho, wasizwa.
- Amazwi omlomo wami nokuzindla kwenhliziyo yami
makuthandeke ebusweni bakho, Jehova,
dwala lami nomhlengi wami. - Kukhona ogulayo phakathi kwenu na? Makabize amalunga ebandla, amkhulekele, amgcobe ngamafutha egameni leNkosi. Umkhuleko wokukholwa uyakumsindisa ogulayo, iNkosi imvuse; noma enzile izono, uzakuthethelelwa zona.
- Nasi isihlupheki esakhala,
uJehova wezwa,
wasikhulula kuzo zonke izinhlupheko zaso. - Kuyakuthi yilowo nalowo
obiza igama leNkosi uyakusindiswa. - UJehova wambuyisa uJobe ekuhluphekeni, lapho ekhulekela abangane bakhe; wenezela kukho konke uJobe ayenakho ngokukuphinda kabili.
- Futhi nxa nimi nikhuleka, thethelelani, uma ninamagqubu nomunye, ukuze noYihlo osezulwini anithethelele iziphambeko zenu.
- Ngakho-ke uPetru wagcinwa etilongweni; kepha ibandla lamkhulekela ngesineke kuNkulunkulu.
- Kwathi sebekhulekile, kwazanyazanyiswa indawo lapho bebebuthene khona, bagcwaliswa bonke nguMoya oNgcwele, bakhuluma izwi likaNkulunkulu ngesibindi.
- Ngakho-ke uma nina eningababi nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani uYihlo osezulwini uzakubapha abacela kuye uMoya oNgcwele.
- Buya, uthi kuHezekiya umholi wabantu bami: ‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo, uthi: Ngizwile umkhuleko wakho, ngibonile izinyembezi zakho; bheka, ngiyakukuphilisa; ngosuku lwesithathu uyakwenyukela endlini kaJehova.’
- Kepha mina ngithi kini: Thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nibaphathe kahle abanizondayo, nibakhulekele abanizingelayo.
- Vuka, Jehova!
Nkulunkulu, phakamisa isandla sakho,
ungakhohlwa abahluphekileyo. - Ngiyakubonga, ngikudumise wena Nkulunkulu wawobaba
ongiphile ukuhlakanipha namandla,
wangazisa esasikucela kuwe,
ngokuba usazisile indaba yenkosi.
Izihloko ezihlobene
Ukulalela
Niyakwazi lokho, bazalwane bami...
Khulekela
Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa...
UMoya
INkosi inguye uMoya; kepha...
Ukukhuluma
Ukufa nokuphila kusemandleni olimi...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
UBaba
Njengoyise ehawukela abantwana bakhe...
Amavesi eBhayibheli osuku
Isiwula siyadelela ukulaya kukayise,kepha onaka ukusolwa uyathola ukuqonda.
Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa,angesabi okubi, ngokuba wena unami,
intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza.Ivesi elilandelayo