- Mfuneni uJehova esenokutholwa,
nimbize eseseduze. - Omubi makashiye indlela yakhe,
nomuntu owenza okubi imicabango yakhe,
abuyele kuJehova,
uyakuba nomusa kuye,
yebo, abuyele kuNkulunkulu wethu,
ngokuba uyakwenza ukuthethelela kube kukhulu. - “Ngokuba imicabango yami
ayisiyo imicabango yenu,
nezindlela zenu
azisizo izindlela zami,” usho uJehova. - Ngokuba njengamazulu ephakeme kunomhlaba,
kanjalo izindlela zami ziphakeme kunezindlela zenu,
nemicabango yami kunemicabango yenu. - Liyakuba njalo izwi lami
eliphuma emlonyeni wami:
aliyikubuyela ze kimi,
lingakafezi lokhu engikufunayo,
liphumelele kulokhu engilithumele kukho.
Izihloko ezihlobene
Imicabango
Ngihole, Nkulunkulu, wazi inhliziyo...
Ukuhlela
Gingqela kuJehova imisebenzi yakho...
Ukufuna
Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifunisisa...
Ukusondela
UJehova unani, uma ninaye...
Ukulunga
Olandela ukulunga nomusa uyafumana...
Ukuguqulwa
Bazithobe abantu bami ababizwa...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ngiyakuyaphi,ngisuke emoyeni wakho, na?
Ngiyakubalekelaphi,
ngimuke ebusweni bakho, na?
Uma ngikhuphukela ezulwini,
wena ulapho;
uma ngendlala icansi lami endaweni yabafileyo, nangu wena.
Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Gingqela kuJehova imisebenzi yakho,ukuze kuqiniswe amasu akho.Ivesi elilandelayo