DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Amavesi EBhayibheli ngokuPhumula

  • Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza.
  • Umphefumulo wami uzithulele kuNkulunkulu kuphela;
    insindiso yami ivela kuye.
  • Ngizakucambalala ngokuthula,
    ngilale ubuthongo,
    ngokuba wena Jehova wedwa ungihlalisa ngokulondeka.
  • Usho kanje uJehova, uthi:
    “Yimani ezindleleni, nibone,
    nibuze imikhondo yasendulo
    ukuthi iphi indlela enhle,
    nihambe ngayo,
    niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu;
    kepha bathi: ‘Asiyikuhamba ngayo.’ ”
  • UJehova ungumalusi wami,
    angiyikuswela.
    Uyangilalisa emadlelweni aluhlaza;
    uyangiyisa ngasemanzini okuphumula.
  • Yena owakhile ekusithekeni koPhezukonke
    nohlezi emthunzini kaSomandla
    uthi kuJehova: “Uyisiphephelo sami nenqaba yami
    noNkulunkulu wami engimethembayo.”
  • Ngakho-ke kubasalele abantu bakaNkulunkulu ukuphumula kwesabatha. Ngokuba ongenile ekuphumuleni kwakhe yena uphumula emisebenzini yakhe njengoNkulunkulu kweyakhe.
  • Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; khona imiphefumulo yenu iyakufumana impumuzo. Ngokuba ijoka lami lihle, nomthwalo wami ulula.
  • Yizwani nibone ukuthi uJehova muhle;
    ubusisiwe lowo muntu ophephela kuye.
  • Ngakho-ke masikhuthalele ukungena kulokho kuphumula, ukuze kungawi muntu ngaleso siboniso sokungalaleli.
  • Kepha ukuphela kwezinto zonke sekusondele. Ngakho zikhuzeni, nizithibe, ukuze nikhuleke.
  • Gcina usuku lwesabatha, ulungcwelise, njengalokho uJehova uNkulunkulu wakho ekuyalile. Izinsuku eziyisithupha uyakusebenza, uwenze wonke umsebenzi wakho, kepha usuku lwesikhombisa luyisabatha likaJehova uNkulunkulu wakho; awuyikusebenza msebenzi ngalo, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nenkabi yakho, nembongolo yakho, nezinkomo zakho, nomfokazi wakho ophakathi kwamasango akho, ukuba inceku yakho nencekukazi yakho ziphumule njengawe.
  • Mphefumulo wami,
    zithulisele kuNkulunkulu kuphela,
    ngokuba ithemba lami livela kuye.

Amavesi eBhayibheli osuku

Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho futhi elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Kepha masingakhathali ekwenzeni okuhle, ngokuba siyakuvuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela