- Ngiyakumbonga uJehova ngezikhathi zonke;
ukudunyiswa kwakhe kuyakuba semlonyeni wami njalonjalo. - Ngamfuna uJehova, wangiphendula;
wangikhulula kulo lonke uvalo lwami. - Nasi isihlupheki esakhala,
uJehova wezwa,
wasikhulula kuzo zonke izinhlupheko zaso. - Yizwani nibone ukuthi uJehova muhle;
ubusisiwe lowo muntu ophephela kuye. - Amabhongo ezingonyama ayaswela, alambe,
kepha abafuna uJehova abayikuswela lutho oluhle. - Londa ulimi lwakho kokubi,
nezindebe zakho kukho ukukhuluma inkohliso. - Deda kukho okubi, wenze okuhle;
funa ukuthula, ukujonge. - Amehlo kaJehova akubo abalungileyo;
izindlebe zakhe zikukho ukukhala kwabo. - Ubuso bukaJehova bumelene nabenza okubi
ukuba achithe ukukhunjulwa kwabo emhlabeni. - Labo bayakhala, uJehova uyezwa;
uyabakhulula kuzo zonke izinhlupheko zabo.
UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo;
uyabasindisa abanomoya odabukileyo. - Ziningi izinhlupheko zolungileyo,
kepha uJehova uyamkhulula kuzo zonke. - UJehova ukhulula umphefumulo wezinceku zakhe;
akakho kwabamethembayo oyakuba necala.
Izihloko ezihlobene
Ukulalela
Niyakwazi lokho, bazalwane bami...
Insindiso
Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba...
Okubi
Unganqotshwa ngokubi, kodwa nqoba...
Isibusiso
UJehova makakubusise, akulondoloze; uJehova...
Ukukhuluma
Ukufa nokuphila kusemandleni olimi...
Ukufuna
Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifunisisa...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ngokuba lokhu ukufa kweza ngomuntu, ukuvuka kwabafileyo nakho kweza ngomuntu.Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Umngane uthanda ngezikhathi zonke,nomzalwane uzalwa ekuhluphekeni.Ivesi elilandelayo
