- Ngiyakumbonga uJehova ngezikhathi zonke;
 ukudunyiswa kwakhe kuyakuba semlonyeni wami njalonjalo.
- Ngamfuna uJehova, wangiphendula;
 wangikhulula kulo lonke uvalo lwami.
- Nasi isihlupheki esakhala,
 uJehova wezwa,
 wasikhulula kuzo zonke izinhlupheko zaso.
- Yizwani nibone ukuthi uJehova muhle;
 ubusisiwe lowo muntu ophephela kuye.
- Amabhongo ezingonyama ayaswela, alambe,
 kepha abafuna uJehova abayikuswela lutho oluhle.
- Londa ulimi lwakho kokubi,
 nezindebe zakho kukho ukukhuluma inkohliso.
- Deda kukho okubi, wenze okuhle;
 funa ukuthula, ukujonge.
- Amehlo kaJehova akubo abalungileyo;
 izindlebe zakhe zikukho ukukhala kwabo.
- Ubuso bukaJehova bumelene nabenza okubi
 ukuba achithe ukukhunjulwa kwabo emhlabeni.
- Labo bayakhala, uJehova uyezwa;
 uyabakhulula kuzo zonke izinhlupheko zabo.
 UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo;
 uyabasindisa abanomoya odabukileyo.
- Ziningi izinhlupheko zolungileyo,
 kepha uJehova uyamkhulula kuzo zonke.
- UJehova ukhulula umphefumulo wezinceku zakhe;
 akakho kwabamethembayo oyakuba necala.
Izihloko ezihlobene
Ukulalela
Niyakwazi lokho, bazalwane bami...
Insindiso
Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba...
Okubi
Unganqotshwa ngokubi, kodwa nqoba...
Isibusiso
UJehova makakubusise, akulondoloze; uJehova...
Ukukhuluma
Ukufa nokuphila kusemandleni olimi...
Ukufuna
Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifunisisa...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ukuqala kokuhlakanipha yilokhu:Zuza ukuhlakanipha;
yebo, ngakho konke okutholileyo zuza ukuhlakanipha.
