- Yilobu ubufakazi ukuthi uNkulunkulu usiphile ukuphila okuphakade, nalokhu kuphila kuseNdodaneni yakhe.
- Kepha uNkulunkulu ecebile ngesihawu, ngenxa yothando lwakhe olukhulu asithanda ngalo, sesifile ngeziphambeko, wenza siphile kanye noKristu – kungomusa nisindisiwe.
- Uma beningazi mina, beniyakumazi noBaba; kusukela manje niyamazi, nimbonile.
- Uthando silwazi ngalokho ukuthi yena wabeka ukuphila kwakhe ngenxa yethu; nathi sifanele ukubeka ukuphila ngenxa yabazalwane.
- UJesu wathi kuye: “Ngokuba ungibonile, ukholiwe na? Babusisiwe abakholwa bengabonanga.”
- Ngokuba nayo iNdodana yomuntu ayizelanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.
- Ngubani onqoba izwe, uma kungesiye okholwa ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu na?
- Wayesethi kubo: “Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo.”
- Angiyikunishiya niyizintandane; ngiyeza kini.
- Ngalokho yamukelanani, njengalokho noKristu wasamukela, ukuze kudunyiswe uNkulunkulu.
- Nazi ukuthi anihlengwanga ekuhambeni kwenu okuyize enakunikezwa ngawoyihlo ngezinto ezibhubhayo, isiliva negolide, kodwa ngegazi elinqabileyo likaKristu kungathi elewundlu elingenacala, elingenabala.
- Uma nigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami, njengalokho mina ngigcinile imiyalo kaBaba ngihlala othandweni lwakhe.
- Ngakho wena mntanami, yiba namandla emseni okuKristu Jesu.
- Ningasho ukuthi ngize ukuletha ukuthula emhlabeni; angizanga ukuletha ukuthula kepha inkemba.
- Ningibiza nithi: ‘Mfundisi, Nkosi;’ nisho kahle, ngokuba ngiyikho.
- Yena uyitshe eladelelwa yinina bakhi, eselaba yinhloko yegumbi.
- Kangizelanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni ukuba ziphenduke.
- Onqobayo ngiyakumnika ukuba ahlale nami esihlalweni sami sobukhosi, njengalokho nami nganqoba, ngahlala noBaba esihlalweni sakhe sobukhosi.
- Esakhuluma, bheka ifu elikhanyayo labasithibeza; bheka, kwavela izwi efwini, lathi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo; yizweni.”
- Nginilobele lokho, ukuze nazi ukuthi ninokuphila okuphakade nina enikholwa egameni leNdodana kaNkulunkulu.
- Ngibazisile igama lakho, ngizakubazisa lona ukuba uthando ongithande ngalo lube kubo, nami ngibe kubo.
- Uma-ke uMoya walowo owavusa uJesu kwabafileyo ehlala kini, yena owavusa uKristu Jesu kwabafileyo uyakuphilisa nemizimba yenu efayo ngaye uMoya wakhe ohlala kini.
- Kepha sazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ingqondo ukuze simazi oweqiniso; sikuye oweqiniso, kuyo iNdodana yakhe uJesu Kristu. Yena unguNkulunkulu oqinisileyo nokuphila okuphakade.
- Nibusisiwe, nxa abantu benizonda
nanxa benicwasa, benithuka,
belilahla igama lenu ngokungathi libi
ngenxa yeNdodana yomuntu. - Kepha ngahawukelwa ngalokhu ukuze uJesu Kristu abonakalise kimi engingesikhulu konke ukubekezela kwakhe, ngibe yisibonelo kwabazakukholwa nguye, baze babe nokuphila okuphakade.
Izihloko ezihlobene
UBaba
Njengoyise ehawukela abantwana bakhe...
Insindiso
Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba...
Ukubethelwa
Yena owathwala izono zethu...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
