- Nokho kithina kukhona uNkulunkulu munye, uYise, okuvela kuye konke, nathi sikhonela yena, nenkosi inye, uJesu Kristu, okungaye konke, nathi sikhona ngaye.
- Yilobu ubufakazi ukuthi uNkulunkulu usiphile ukuphila okuphakade, nalokhu kuphila kuseNdodaneni yakhe.
- Uma beningazi mina, beniyakumazi noBaba; kusukela manje niyamazi, nimbonile.
- Uthando silwazi ngalokho ukuthi yena wabeka ukuphila kwakhe ngenxa yethu; nathi sifanele ukubeka ukuphila ngenxa yabazalwane.
- UJesu wathi kuye: “Ngokuba ungibonile, ukholiwe na? Babusisiwe abakholwa bengabonanga.”
- Ngokuba nayo iNdodana yomuntu ayizelanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.
- Ngubani onqoba izwe, uma kungesiye okholwa ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu na?
- Angiyikunishiya niyizintandane; ngiyeza kini.
- Wayesethi kubo: “Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo.”
- Ngalokho yamukelanani, njengalokho noKristu wasamukela, ukuze kudunyiswe uNkulunkulu.
- Uma nigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami, njengalokho mina ngigcinile imiyalo kaBaba ngihlala othandweni lwakhe.
- Nazi ukuthi anihlengwanga ekuhambeni kwenu okuyize enakunikezwa ngawoyihlo ngezinto ezibhubhayo, isiliva negolide, kodwa ngegazi elinqabileyo likaKristu kungathi elewundlu elingenacala, elingenabala.
- Ngakho wena mntanami, yiba namandla emseni okuKristu Jesu.
- Ningasho ukuthi ngize ukuletha ukuthula emhlabeni; angizanga ukuletha ukuthula kepha inkemba.
- Ningibiza nithi: ‘Mfundisi, Nkosi;’ nisho kahle, ngokuba ngiyikho.
- Yena uyitshe eladelelwa yinina bakhi, eselaba yinhloko yegumbi.
- Esakhuluma, bheka ifu elikhanyayo labasithibeza; bheka, kwavela izwi efwini, lathi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo; yizweni.”
- Kangizelanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni ukuba ziphenduke.
- Nginilobele lokho, ukuze nazi ukuthi ninokuphila okuphakade nina enikholwa egameni leNdodana kaNkulunkulu.
- Onqobayo ngiyakumnika ukuba ahlale nami esihlalweni sami sobukhosi, njengalokho nami nganqoba, ngahlala noBaba esihlalweni sakhe sobukhosi.
- Uma-ke uMoya walowo owavusa uJesu kwabafileyo ehlala kini, yena owavusa uKristu Jesu kwabafileyo uyakuphilisa nemizimba yenu efayo ngaye uMoya wakhe ohlala kini.
- Kepha sazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ingqondo ukuze simazi oweqiniso; sikuye oweqiniso, kuyo iNdodana yakhe uJesu Kristu. Yena unguNkulunkulu oqinisileyo nokuphila okuphakade.
- Ngibazisile igama lakho, ngizakubazisa lona ukuba uthando ongithande ngalo lube kubo, nami ngibe kubo.
- Ngijonge emgomeni, emklomelweni wokubizwa okukhulu kwaphezulu nguNkulunkulu kuJesu Kristu.
- Ngokuba sisebuthakathaka, uKristu wafela abangamesabi uNkulunkulu ngesikhathi esifaneleyo.
Izihloko ezihlobene
UBaba
Njengoyise ehawukela abantwana bakhe...
Insindiso
Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba...
Ukubethelwa
Yena owathwala izono zethu...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
Amavesi eBhayibheli osuku
Jehova, unguNkulunkulu wami;ngiyakukuphakamisa,
ngidumise igama lakho,
ngokuba wenzile izimangaliso,
namasu asendulo, nokuthembeka, neqiniso.
Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Ngenxa yokuba ubuyigugu emehlweni ami,futhi ubudumile, uthandekile kimi,
ngiyakunika abantu esikhundleni sakho,
nezizwe esikhundleni sokuphila kwakho.Ivesi elilandelayo
