- Umusa weNkosi uJesu Kristu mawube nomoya wenu.
- Okubona uNkulunkulu athanda ukubazisa ukuthi iyini ingcebo yenkazimulo yaleyo mfihlakalo phakathi kwabezizwe, enguKristu phakathi kwenu, ithemba lenkazimulo.
- Ngokuba sisebuthakathaka, uKristu wafela abangamesabi uNkulunkulu ngesikhathi esifaneleyo.
- Ngijonge emgomeni, emklomelweni wokubizwa okukhulu kwaphezulu nguNkulunkulu kuJesu Kristu.
- Ngakho-ke uma iNdodana inikhulula, niyakuba ngabakhululekileyo impela.
- Kepha thina singabombuso wasezulwini, lapho futhi silindela khona ukuba kuvele uMsindisi, iNkosi uJesu Kristu.
- Bheka, ngiyeza masinyane, nomvuzo wami unami ukumnika yilowo nalowo njengokomsebenzi wakhe.
- Ofakaza ngalezi zinto uthi: “Yebo, ngiyeza masinyane.”
Amen. Woza, Nkosi Jesu! - Uma nihlala kimi, namazwi ami ehlala kini, niyakucela enikuthandayo, nikwenzelwe.
- Ekhaya likaBaba kukhona izindlu eziningi; uma bekungenjalo, bengiyakunitshela ukuthi ngiya ukunilungisela indawo.
- Kepha ngosuku lokugcina olukhulu lomkhosi uJesu wema wamemeza wathi: “Uma ekhona owomileyo, akeze kimi, aphuze.”
- Ngokuba njengalokho izinhlupheko zikaKristu zivamile kithi, kanjalo nokududuzeka kwethu kuvamile ngoKristu.
- Ngakho-ke uJesu wathi: “Kuseyisikhashana ngikhona kini, besengimuka, ngiye kongithumileyo.”
- Ngethembile ngempela yona le nto ukuthi owaqala umsebenzi omuhle kinina uyakuwufeza kuze kube lusuku lukaKristu Jesu.
- Mina ngiyisinkwa esiphilayo esehla ezulwini. Uma umuntu edla lesi sinkwa, uyakuphila phakade; futhi-ke isinkwa engizakusinikela ngenxa yokuphila kwezwe siyinyama yami.
- Ngokuba uma sikholwa ukuthi uJesu wafa, wavuka, ngokunjalo-ke uNkulunkulu uyakubaletha nabaleleyo kuJesu kanye naye.
- Bhekani, uyeza namafu, namehlo onke ayakumbona, nabo abamgwazayo, nezizwe zonke zomhlaba ziyakulila ngaye. Yebo, Amen.
- Ningasebenzeli ukudla okuphelayo kepha ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyakunipha khona iNdodana yomuntu, ngokuba uYise uNkulunkulu ubekile uphawu kuyona.
- Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.
- Kodwa yembathani iNkosi uJesu Kristu, ninganakekeli inyama kuvuswe izinkanuko.
- Noma yini eniyakukucela egameni lami ngiyakukwenza ukuba uBaba akhazimuliswe eNdodaneni.
- Kepha kalokhu unikiwe inkonzo enhle kakhulu, njengalokhu engumlamuleli wesivumelwano esihle kakhulu, esimisiwe ngokwezithembiso ezinhle kakhulu.
- Yathi kimi: “Umusa wami ukwanele; ngokuba amandla ami apheleliswa ebuthakathakeni.” Ngakho kunalokho ngijabulela ukuzibonga ngobuthakathaka bami, ukuze amandla kaKristu ahlale phezu kwami.
- UKristu wasikhulula ukuba sibe nenkululeko; ngakho-ke yimani niqine, ningabe nisaboshelwa ejokeni lobugqila.
- Angiwenzi ize umusa kaNkulunkulu, ngokuba uma ukulunga kuya ngomthetho, khona uKristu wafela ize.
Izihloko ezihlobene
UBaba
Njengoyise ehawukela abantwana bakhe...
Insindiso
Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba...
Ukubethelwa
Yena owathwala izono zethu...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
