- Ngokuba akuzange kuvezwe isiprofetho ngentando yomuntu, kepha abantu beqhutshwa nguMoya oNgcwele bakhuluma okukaNkulunkulu.
- Ngiyakuyaphi,
ngisuke emoyeni wakho, na?
Ngiyakubalekelaphi,
ngimuke ebusweni bakho, na?
Uma ngikhuphukela ezulwini,
wena ulapho;
uma ngendlala icansi lami endaweni yabafileyo, nangu wena. - Ngathi ngisaqala ukukhuluma, uMoya oNgcwele wehlela phezu kwabo njengakithi ekuqaleni.
- UMoya weNkosi uJehova uphezu kwami,
ngokuba uJehova ungigcobile
ukuba ngishumayele izindaba ezinhle
kwabathotshisiweyo;
ungithumele ukubopha abanhliziyo ezaphukileyo,
nokumemezela ukukhululwa kwabathunjwa
nokuvulelwa kweziboshwa itilongo. - Kwathi bebhapathiziwe abantu bonke, naye uJesu esebhapathiziwe, ekhuleka, izulu lavuleka, uMoya oNgcwele enesimo somzimba njengejuba wehlela phezu kwakhe; kwavela izwi ezulwini, lithi: “Wena uyiNdodana yami ethandekayo; ngithokozile ngawe.”
- Wasisindisa kungengamisebenzi yokulunga esayenzayo thina kepha ngokwesihawu sakhe ngesigezo sokuphindukuzalwa nokwenziwa sibe basha ngoMoya oNgcwele.
- Yilowo nalowo okhuluma izwi elimelene neNdodana yomuntu uyakuthethelelwa; kepha lowo okhuluma elimelene noMoya oNgcwele akayikuthethelelwa nakuleli zwe nakwelizayo.
- Ukhona yini ongala namanzi ukuba bangabhapathizwa laba abamukela uMoya oNgcwele njengathi na?
- Nami bengingamazi, kodwa owangithuma ukubhapathiza ngamanzi wathi kimi: ‘Lowo oyakubona uMoya ehla ahlale phezu kwakhe, nguyena obhapathiza ngoMoya oNgcwele.’
- Esazindla ngalokho, bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala kuye ngephupho, ithi: “Josefa, ndodana kaDavide, ungesabi ukumthatha uMariya umkakho, ngokuba lokho akukhulelweyo kungoMoya oNgcwele.”
- Ngakho ephakanyiselwe ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esamukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele, wakuthulula lokhu enikubonayo nenikuzwayo.
- Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba. Umhlaba wawuyihlane elingenalutho; kwakungubumnyama phezu kotwa, kepha uMoya kaNkulunkulu wehla wenyuka phezu kwamanzi.
- Ngalokho ngithi kini: Abantu bayakuthethelelwa zonke izono nokuhlambalaza, kepha ukuhlambalaza uMoya akuyikuthethelelwa.
- Njalo-ke ibandla laba nokuthula kulo lonke laseJudiya, naseGalile, naseSamariya, lakheka, lihamba ekwesabeni iNkosi, landa ngenduduzo kaMoya oNgcwele.
- Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “UMoya oNgcwele uzakuza phezu kwakho, amandla oPhezukonke akusibekele; ngakho-ke okungcwele okuzozalwa kuzakuthiwa iNdodana kaNkulunkulu.”
- Ukuzalwa kukaJesu Kristu kwaba nje: unina uMariya esemiselwe uJosefa, bengakahlangani wafunyanwa ekhulelwe ngoMoya oNgcwele.
- Lapho esefikile yena, uyakuqondisa izwe ngesono, nangokulunga, nangokwahlulela.
- Mina nginibhapathiza ngamanzi, kube ngukuphenduka; kepha yena oza emva kwami unamandla kunami engingafanele ukuthwala izicathulo zakhe; yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele nangomlilo.
Izihloko ezihlobene
UMoya
INkosi inguye uMoya; kepha...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
IPentekoste
Kwathi sekufikile usuku lwePhentekoste...
Ukubhapathizwa
Ngokuba nonke ningabantwana bakaNkulunkulu...
UBaba
Njengoyise ehawukela abantwana bakhe...
Ukukhuluma
Ukufa nokuphila kusemandleni olimi...
Amavesi eBhayibheli osuku
Thulani, niqonde ukuthi mina nginguNkulunkulu;ngiyakuphakama phakathi kwabezizwe,
ngiphakame emhlabeni.