- Kepha ukuphila angikushayi into yalutho ukuba kube yigugu kimi, kuphela ukuba ngiphelelise ukuhamba kwami nenkonzo engayamukela eNkosini uJesu yokufakaza ngevangeli lomusa kaNkulunkulu.
- Ngakho wena mntanami, yiba namandla emseni okuKristu Jesu.
- Umusa weNkosi uJesu Kristu, nothando lukaNkulunkulu, nokuhlangana kukaMoya oNgcwele makube nani nonke. Amen.
- Ofihla iziphambeko zakhe akayikuphumelela,
kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa. - Ngakho siyakuthini na? Sihlale esonweni, ukuze kuvame umusa na? Qha nakanye. Thina esafa maqondana nesono singabuye sihambe kanjani kuso na?
- Umusa weNkosi uJesu Kristu mawube nomoya wenu.
- Ngokuba ngiyakuba nesihawu ngokungalungi kwabo,
nezono zabo angisayikuzikhumbula. - Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.
- Nokho ngomusa wakho omkhulu awubaqothulanga, awubashiyanga, ngokuba unguNkulunkulu onomusa nobumnene.
- Angiwenzi ize umusa kaNkulunkulu, ngokuba uma ukulunga kuya ngomthetho, khona uKristu wafela ize.
- Umuntu uyini ukuba umkhumbule,
nendodana yomuntu ukuba uyinake na? - Ngokuba ngomusa engiwuphiweyo ngisho kulowo nalowo phakathi kwenu ukuthi angacabangi athi mkhulu kunalokho afanele ukukucabanga, kodwa acabange kube ngokuqonda, njengalokho uNkulunkulu abele lowo nalowo isilinganiso sokukholwa.
- Ngokuba ngenxa kaKristu nina nabelwa ngomusa, angisho ukukholwa kuye kuphela kepha nokuhlupheka ngenxa yakhe.
- Nahlukene noKristu nina nonke enifuna ukulungisiswa ngomthetho; niwile emseni.
- Kepha uNkulunkulu wokuthula uzakumchoboza masinyane uSathane phansi kwezinyawo zenu. Umusa weNkosi yethu uKristu mawube nani.
- Niklebhule inhliziyo yenu,
hhayi izingubo zenu,
niphendukele kuJehova uNkulunkulu wenu,
ngokuba yena unomusa,
unobumnene,
wephuza ukuthukuthela,
unesihe esikhulu,
uhawukela nomubi. - Khona kwasondela uPetru, wathi kuye: “Nkosi, umfowethu uyakungona kangaki, ngimthethelela, na? Kuze kube kasikhombisa na?”
UJesu wathi kuye: “Angisho kuwe ukuthi kuze kube kasikhombisa kodwa kuze kube kamashumi ayisikhombisa aphindwe kasikhombisa.” - ‘Buya wena Israyeli ohlehlayo,’ usho uJehova;
‘angiyikuninyakamela,
ngokuba nginomusa,’ usho uJehova;
‘angiyakugcina intukuthelo kuze kube phakade.’ - Omubi makashiye indlela yakhe,
nomuntu owenza okubi imicabango yakhe,
abuyele kuJehova,
uyakuba nomusa kuye,
yebo, abuyele kuNkulunkulu wethu,
ngokuba uyakwenza ukuthethelela kube kukhulu. - Kanjalo, madoda, hlalani nabo ngokokwazi, njengalokhu owesifazane eyisitsha esibuthakathaka, nibanike udumo, lokhu beyizindlalifa zomusa wokuphila kanye nani, ukuze imikhuleko yenu ingathiywa.
- Kepha umthelisi emi kude wayengafuni nakuphakamisela amehlo akhe ngasezulwini, kodwa washaya isifuba sakhe, ethi: ‘Nkulunkulu, ngihawukele mina soni.’
- Lapho uNkulunkulu esebona izenzo zabo ukuthi babuya endleleni yabo embi, uNkulunkulu wazisola ngokubi owayeshilo ukuthi uyakukwenza kubo, akakwenzanga.
- Kepha wena Nkosi unguNkulunkulu ohawukelayo,
onomusa nokubekezela,
uvame ubumnene nokuthembeka.
Izihloko ezihlobene
Isihe
Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
Intethelelo
Osibekela isiphambeko ufuna uthando...
Isibusiso
UJehova makakubusise, akulondoloze; uJehova...
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Amavesi eBhayibheli osuku
Uma ningithanda, niyakugcina imiyalo yami.Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Ubusisiwe umuntu othemba kuJehova,nothemba lakhe linguJehova.
Ngokuba uyakuba njengomuthi otshalwe ngasemanzini,
ozenabisa izimpande zawo ngasemfuleni,
ongesabi lapho kufika ukushisa,
amaqabunga awo abe luhlaza,
angabi naluvalo ngomnyaka wesigagadu,
anganqamuki ukuthela izithelo.Ivesi elilandelayo
