- Ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Mariya, ngokuba ufumene umusa kuNkulunkulu. Bheka, uzakukhulelwa, uzale indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu.”
- Yimina, yimi enginguye oniduduzayo;
ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo,
nendodana yomuntu eyakwenziwa ibe njengotshani, na? - Noma impi imisa ngakimi,
inhliziyo yami ayesabi;
noma ngivukelwa ngukulwa,
nokho nginethemba. - Yeka ubukhulu bomusa wakho
obagodlele wona abakwesabayo,
owenzele bona ababalekela kuwe,
phambi kwabantwana babantu. - Ningabesabi ababulala umzimba bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa nomphefumulo nomzimba esihogweni.
- Akuthengwa yini imizwilili eyisihlanu ngezindibilishi ezimbili na? Akukhohlakele namunye kuyo emehlweni kaNkulunkulu. Kodwa nezinwele zekhanda lenu zibaliwe zonke. Maningesabi; nidlula imizwilili eminingi.
- Ingelosi yathi kubo: “Ningesabi; ngokuba bhekani, nginibikela izindaba ezinhle zokuthokoza okukhulu okuzakuba kubantu bonke.”
- Ihlawulo lokuphila komuntu liyingcebo yakhe,
kepha ompofu akezwa ukukhuzwa.
Izihloko ezihlobene
Ukwethemba
Themba kuJehova ngayo yonke...
Isibindi
UJehova nguye ohamba phambi...
Isikhuthazo
Ngalokho-ke vuselelanani, nakhane njengokuba...
Ukukhathazeka
Ningakhathazeki ngalutho, kepha kukho...
UNkulunkulu
UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi...
Ukuvikela
Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho futhi elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Ofihla iziphambeko zakhe akayikuphumelela,kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa.Ivesi elilandelayo