DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Mashi 2015)

ULwesibili, Mashi 31, 2015

Ngokuba umuntu ukholwa ngenhliziyo kube ngukulunga, ngomlomo uyavuma kube ngukusindiswa.

UMsombuluko, Mashi 30, 2015

Ngimbeke uJehova njalo phambi kwami,
ngokuba ungakwesokunene sami,
angiyikuzanyazanyiswa.

ISonto, Mashi 29, 2015

Izixuku ezazihamba phambili nezazimlandela zamemeza zathi:
“Hosiyana kuyo iNdodana kaDavide!
Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.
Hosiyana kweliphezulu!”

UMgqibelo, Mashi 28, 2015

Okholwayo abhapathizwe uyakusindiswa, kepha ongakholwayo uyakulahlwa.

ULwesihlanu, Mashi 27, 2015

Lapho ngithe unyawo lwami luyashelela,
umusa wakho, Jehova, wangiphasa.

ULwesine, Mashi 26, 2015

Niyakungibiza, niye ukukhuleka kimi, ngiyakunizwa.

ULwesithathu, Mashi 25, 2015

Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuba samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.

ULwesibili, Mashi 24, 2015

Amazwi akho onke ayiqiniso;
zonke izahlulelo zakho ezilungileyo
zimi kuze kube phakade.

UMsombuluko, Mashi 23, 2015

Uma umuntu esho ukuthi: “Ngiyamthanda uNkulunkulu,” kepha ezonda umzalwane wakhe, ungumqambimanga; ngokuba ongathandi umzalwane wakhe ambonileyo angemthande uNkulunkulu angambonanga.

ISonto, Mashi 22, 2015

Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho futhi elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.

UMgqibelo, Mashi 21, 2015

Ukwenza ukulunga nokwahlulela
kukhethekile kuJehova kunemihlatshelo.

ULwesihlanu, Mashi 20, 2015

Ngokuba uJehova uyathokoza ngabantu bakhe;
abathobekileyo uyabahlobisa ngensindiso.

ULwesine, Mashi 19, 2015

Kepha anazi yini ukuthi umzimba wenu uyithempeli likaMoya oNgcwele okinina, enimamukele kuNkulunkulu, nokuthi anisibo abenu na? Ngokuba nathengwa ngenani elikhulu. Ngakho-ke mbongeni uNkulunkulu emzimbeni wenu.

ULwesithathu, Mashi 18, 2015

UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi kwakho,
iqhawe eliyakukusindisa;
uyakujabula ngawe ngentokozo,
athule othandweni lwakhe,
ethabe ngawe ngokuhlabelela.

ULwesibili, Mashi 17, 2015

Abathanda umthetho wakho banokuthula okukhulu;
akukho sikhubekiso kubo.

UMsombuluko, Mashi 16, 2015

Babusisiwe abalamulayo,
ngokuba bayakuthiwa abantwana bakaNkulunkulu.

ISonto, Mashi 15, 2015

Ngithokoza ngendlela yobufakazi bakho njengemfuyo.

UMgqibelo, Mashi 14, 2015

Kepha obuthakathaka ekukholweni mamukeleni, kungabi ngokwahlulela ngezizindlo.

ULwesihlanu, Mashi 13, 2015

Makabongwe uNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wobubele, uNkulunkulu wenduduzo yonke, osiduduza osizini lwethu lonke, ukuze nathi sibe namandla okududuza abasosizini, nolunjani, ngenduduzo esiduduzwa ngayo nathi nguNkulunkulu.

ULwesine, Mashi 12, 2015

UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu;
ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni.

ULwesithathu, Mashi 11, 2015

Inhliziyo eqinileyo uyayilinda ngokuthula okupheleleyo,
ngokuba yethemba kuwe.

ULwesibili, Mashi 10, 2015

Kepha yena wathi: “Yebo, kodwa kakhulu babusisiwe abalizwa izwi likaNkulunkulu, balilondoloze.”

UMsombuluko, Mashi 9, 2015

Wozani; masikhuleke, sikhothame,
siguqe phambi kukaJehova,
uMenzi wethu.

ISonto, Mashi 8, 2015

Kepha-ke ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa; ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo.

UMgqibelo, Mashi 7, 2015

Kepha kunjengokuba kulotshiwe ukuthi:
“Lokho iso elingakubonanga,
nendlebe engakuzwanga,
okungavelanga enhliziyweni yamuntu,
uNkulunkulu akulungisela abamthandayo.”

ULwesihlanu, Mashi 6, 2015

Emini uJehova uyaleza umusa wakhe;
ebusuku isihlabelelo sakhe sikimi,
ngikhuleke kuNkulunkulu wokuphila kwami.

ULwesine, Mashi 5, 2015

Onayo iNdodana unokuphila; ongenayo iNdodana kaNkulunkulu akanakho ukuphila.

ULwesithathu, Mashi 4, 2015

Lapho udabula emanzini,
mina nginawe;
nasemifuleni, ayiyikukukhukhula;
lapho uhamba emlilweni, awuyikusha,
nelangabi aliyikukushisa.

ULwesibili, Mashi 3, 2015

Oyakuvuza yilowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe.

UMsombuluko, Mashi 2, 2015

Kepha umusa kaJehova uphezu kwabamesabayo kwaphakade kuze kube phakade,
nokulunga kwakhe kubantwana babantwana,
kubo abagcina isivumelwano sakhe
bekhumbula iziyalezo zakhe ukuba bazenze.

ISonto, Mashi 1, 2015

Yilesi sibindi esinaso kuye sokuthi, uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa.

Amavesi eBhayibheli osuku

Kepha phezu kwakho konke lokho yembathani uthando oluyisibopho sokuphelela.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Ngalokhu phendukani, niguquke ukuba kuhlangulwe izono zenu.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela