- Bazalwane, uma umuntu ehlelwa yisiphambeko, nina bomoya mbuyiseni onjalo ngomoya wobumnene; uzibheke wena, funa uyengwe nawe.
- Ungasingenisi ekulingweni,
kodwa usikhulule kokubi;
ngokuba umbuso ungowakho,
namandla, nenkazimulo,
kuze kube phakade. Amen. - Lapho okuhle kwanda,
nabakudlayo bayanda;
kulusizo luni kumninikho
ngaphandle kokuba akubone ngamehlo akhe na? - Futhi ngabona wonke umshikashika nakho konke okwenziwe ngekhono ukuthi kungumhawu womuntu ngomakhelwane wakhe. Nalokho kuyize nokufuna umoya.
- Kodwa yembathani iNkosi uJesu Kristu, ninganakekeli inyama kuvuswe izinkanuko.
- Lokhu kuyakuba kini insephe ukuba niyibheke, nikhumbule yonke imiyalo kaJehova, niyenze, ningahambi ngeyenu inhliziyo nangawenu amehlo enanivama ukukulandela ngokuphinga.
- Uma iso lakho lokunene likukhubekisa, likhiphe, ulilahle; ngokuba kungcono kuwe ukuba kubhubhe sibe sinye ezithweni zakho kunokuba wonke umzimba wakho uphonswe esihogweni.
- Nizwile kwathiwa: ‘Ungaphingi.’ Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo obuka owesifazane, amkhanuke, usephingile naye enhliziyweni yakhe.
- Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga; yazisa uyihlo nonyoko; wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.
- Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga, ukhuluma okungokwakhe, lokhu engumqambimanga noyise wawo.
- Kepha balekela izinkanuko zobusha, ujonge ukulunga, nokukholwa, nothando, nokuthula kanye nabakhuleka eNkosini ngenhliziyo ehlambulukileyo.
- Baguqule iqiniso likaNkulunkulu, balenza amanga; bahlonipha, bakhonza okudaliweyo kunoMdali ongobongekayo kuze kube phakade. Amen. Ngenxa yalokho uNkulunkulu wabanikela ekuhuhekeni okuyihlazo; ngokuba abesifazane babo baguqula ukwenza okwemvelo kwaba ngokuphambene nemvelo; ngokunjalo nabesilisa bayeka ukwenza kwemvelo kowesifazane, basha ngokukhanukelana, abesilisa benza okuyichilo kwabesilisa, bezitholela umvuzo ofanele ukuduka kwabo. Nanjengalokho bengakunakanga ukumazi uNkulunkulu, uNkulunkulu wabanikela engqondweni yokunganaki ukwenza okungafanele.
- Ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu, ukungcweliswa kwenu, ukuba nidede ebufebeni ukuba yilowo nalowo kini akwazi ukuhlala nomkakhe ngobungcwele nangokuhlonipha, kungabi ngokushisa kwenkanuko njengabezizwe abangamazi uNkulunkulu.
- Abasho ukuthi ngesikhathi sokugcina kuyakuba khona abahleka usulu, behamba ngezinkanuko zabo zokungamesabi uNkulunkulu. Yilabo abaveza ukwahlukana, bengabenyama bengenaMoya.
Izihloko ezihlobene
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
Ucansi
Ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu...
Isilingo
Anifikelwanga ukulingwa okungenjengokwabantu; kepha...
Ukuthanda izinto ezibambekayo
Ngokuba asilethanga lutho ezweni...
Umlutha
Konke kuvunyelwe kimi, kepha...
Imali
Ukwenza kwenu makungabi ngokokufisa...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “UMoya oNgcwele uzakuza phezu kwakho, amandla oPhezukonke akusibekele; ngakho-ke okungcwele okuzozalwa kuzakuthiwa iNdodana kaNkulunkulu.”Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho,ungenciki kokwakho ukuqonda.
Mazise yena ezindleleni zakho zonke,
uyakuqondisa imikhondo yakho.Ivesi elilandelayo
