Amavesi EBhayibheli UBaba
- Njengoyise ehawukela abantwana bakhe,
kanjalo uJehova uyabahawukela abamesabayo. - Bhekani uthando olungaka asinike lona uBaba lokuba sithiwe singabantwana bakaNkulunkulu; futhi siyibo. Ngalokho izwe alisazi, ngokuba alimazanga yena.
- Ndodana yami,
ungadeleli ukulaya kukaJehova,
ungakhathazeki ngokusola kwakhe.
Ngokuba uJehova uyamlaya amthandayo,
njengoyise indodana ayithandayo. - Kepha wena, nxa ukhuleka, ngena ekamelweni lakho, uthi usuvale umnyango wakho ukhuleke kuYihlo osekusithekeni; noYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza.
- Baba, ngithanda ukuba labo ongiphe bona nabo babe khona nami lapha ngikhona, ukuze babone inkazimulo yami ongiphe yona; ngokuba wangithanda, kungakasekelwa izwe.
- Bukani izinyoni zezulu ukuthi azihlwanyeli, azivuni, azibekeleli ezinqolobaneni; nokho uYihlo wasezulwini uyazondla. Nina kanizidluli kakhulu na?
- Ngizinika ukuphila okuphakade, azisoze zabhubha naphakade; akakho ongazihlwitha esandleni sami. UBaba onginikileyo mkhulu kunabo bonke; akakho ongazihlwitha esandleni sikaBaba. Mina noBaba simunye.
- KuNkulunkulu noBaba wethu makube ludumo kuze kube phakade naphakade. Amen.
- Isiwula siyadelela ukulaya kukayise,
kepha onaka ukusolwa uyathola ukuqonda. - Ningathandi izwe nezinto ezisezweni. Uma umuntu ethanda izwe, uthando lukaYise alukho kuye.
- Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe.
- UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami; uBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye.”
- Ungesabi, mhlambi omncane; ngokuba kwathandeka kuYihlo ukuninika umbuso.
- Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla kuYise wokukhanya okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.
- Akuthengwa yini imizwilili emibili ngendibilishi na? Kepha akuyikuwa phansi namunye kuyo ngaphandle kukaYihlo. Kodwa kini zibaliwe nezinwele zonke zekhanda lenu. Ngakho maningesabi; nina niyayidlula imizwilili eminingi.
- Ingabe uthi ngingecele kuBaba angithumele manje amalegiyona ezingelosi adlula ishumi nambili na?
- UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.”
- Nokho kithina kukhona uNkulunkulu munye, uYise, okuvela kuye konke, nathi sikhonela yena, nenkosi inye, uJesu Kristu, okungaye konke, nathi sikhona ngaye.
- Yena ongayigodlanga eyakhe iNdodana, kepha wayinikela ngenxa yethu sonke, kungaba kanjani ukuba angasiphi konke kanye nayo na?
- Onemiyalo yami ayigcine, nguyena ongithandayo; ongithandayo uyakuthandwa nguBaba, nami ngiyakumthanda, ngizibonakalise kuye.
- Ngokuba ukulangazela kokudaliweyo kulindele ukwambulwa kwabantwana bakaNkulunkulu.
- Noma yini eniyakukucela egameni lami ngiyakukwenza ukuba uBaba akhazimuliswe eNdodaneni.
- Ngokuba sizalelwa umntwana,
siphiwa indodana;
umbuso uyakuba semahlombe akhe,
negama lakhe liyakuthiwa
uMluleki omangalisayo,
uNkulunkulu onamandla,
uYise ongunaphakade,
iNkosi yokuthula. - Akakho oke wabona uNkulunkulu; iNdodana ezelwe yodwa esesifubeni sikaYise yiyona embonakalisile.
- Ekhaya likaBaba kukhona izindlu eziningi; uma bekungenjalo, bengiyakunitshela ukuthi ngiya ukunilungisela indawo.
Izihloko ezihlobene
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Umhlaba
Ningathandi izwe nezinto ezisezweni...
Umkhuleko
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
IZulu
Ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla...
Ukwenyuka
Kwathi eseshilo lokho, wakhushulwa...
Amavesi eBhayibheli osuku
Bhekani, uyeza namafu, namehlo onke ayakumbona, nabo abamgwazayo, nezizwe zonke zomhlaba ziyakulila ngaye. Yebo, Amen.Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Bheka, kuhle, kumnandi kangakaukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye.Ivesi elilandelayo