- Uma nigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami, njengalokho mina ngigcinile imiyalo kaBaba ngihlala othandweni lwakhe.
- Ngokuba uthando lukaKristu luyasiqhubezela, sikubona lokhu ukuthi munye owafela bonke; ngakho-ke bonke sebafa; wafela bonke, ukuze abaphilayo bangabe besaziphilela bona, kodwa baphilele yena owabafelayo, wabuye wavuka.
- Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga; yazisa uyihlo nonyoko; wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.
- Niklebhule inhliziyo yenu,
hhayi izingubo zenu,
niphendukele kuJehova uNkulunkulu wenu,
ngokuba yena unomusa,
unobumnene,
wephuza ukuthukuthela,
unesihe esikhulu,
uhawukela nomubi. - Ungasiphi thina, Jehova,
ungasiphi thina,
kepha uliphe igama lakho inkazimulo
ngenxa yomusa wakho nangenxa yeqiniso lakho. - Ngokuba kuKristu Jesu akusizi lutho ukusoka nokungasoki, kepha kuphela ukukholwa okusebenza ngothando.
- Haleluya!
Ubusisiwe umuntu omesabayo uJehova,
othokoza kakhulu ngemithetho yakhe. - Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo,
nengalo yabo ayibasindisanga;
kepha kwaba yisandla sakho sokunene, nengalo yakho,
nokukhanya kobuso bakho,
ngokuba wawubathanda. - Futhi ukuyithanda yona ngenhliziyo yonke, nangengqondo yonke, nangamandla onke, nokuthanda umakhelwane njengalokhu umuntu ezithanda yena kudlula yonke iminikelo yokushiswa nemihlatshelo.
- Kepha balekela izinkanuko zobusha, ujonge ukulunga, nokukholwa, nothando, nokuthula kanye nabakhuleka eNkosini ngenhliziyo ehlambulukileyo.
- Nomusa ungowakho, Nkosi;
ngokuba wena umphindisela umuntu
njengokwenza kwakhe.
Izihloko ezihlobene
Umakhelwane
Owesibili yilo: ‘Womthanda umakhelwame...
Umthetho
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
UNkulunkulu
UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Thembekile
Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa...