- Ithemba alijabhisi, ngokuba uthando lukaNkulunkulu lutheliwe ezinhliziyweni zethu ngoMoya oNgcwele esimuphiweyo.
- Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.
- Kepha uNkulunkulu ecebile ngesihawu, ngenxa yothando lwakhe olukhulu asithanda ngalo, sesifile ngeziphambeko, wenza siphile kanye noKristu – kungomusa nisindisiwe.
- Ndodana yami,
ungadeleli ukulaya kukaJehova,
ungakhathazeki ngokusola kwakhe.
Ngokuba uJehova uyamlaya amthandayo,
njengoyise indodana ayithandayo. - Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibalaye; ngakho-ke shisekela uphenduke.
- Uthanda ukulunga nokwahlulela;
umhlaba ugcwele umusa kaJehova. - Ngokuba lokhu ukuthi: “Ungaphingi, ungabulali, ungebi, ungafisi,” noma ukhona omunye umyalelo, kuyahlanganiswa kuleli zwi elithi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.”
- Elokugcina, bazalwane, thokozani, nipheleliswe, niduduzwe, nibe nhliziyonye, nibe nokuthula; khona uNkulunkulu wothando nokuthula uyakuba nani.
- Uthando silwazi ngalokho ukuthi yena wabeka ukuphila kwakhe ngenxa yethu; nathi sifanele ukubeka ukuphila ngenxa yabazalwane.
- Ngokuba nina bazalwane nabizelwa ekukhululekeni. Kuphela ningakwenzi ukukhululeka kube yithuba enyameni, kepha khonzanani ngothando.
- Ukuze izinhliziyo zabo ziduduzwe, behlanganisiwe othandweni babe nengcebo yonke yokwazi okuphelele, bazisise imfihlakalo kaNkulunkulu enguKristu.
- UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami; uBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye.”
- Umusa weNkosi uJesu Kristu, nothando lukaNkulunkulu, nokuhlangana kukaMoya oNgcwele makube nani nonke. Amen.
- Owesibili ofana nawo uthi: ‘Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.’
- Kunye engikucele kuJehova,
ngiyakufuna khona:
ukuba ngihlale endlini kaJehova
izinsuku zonke zokuphila kwami
ukubona ubuhle bukaJehova,
ngibuke ithempeli lakhe. - Ngibazisile igama lakho, ngizakubazisa lona ukuba uthando ongithande ngalo lube kubo, nami ngibe kubo.
- Yebo, lo myalo sinawo, uvela kuNkulunkulu, wokuthi othanda uNkulunkulu makathande nomzalwane wakhe.
- Njengoyise ehawukela abantwana bakhe,
kanjalo uJehova uyabahawukela abamesabayo. - Kepha yena onemfuyo yezwe, ebona umzalwane wakhe eswele, amvalele isihawu sakhe, uthando lukaNkulunkulu lungahlala kanjani kuye na?
- Kepha nina bathandekayo, yakhelanani ekukholweni kwenu okungcwele kakhulu, nikhuleke ngoMoya oNgcwele, nizigcine othandweni lukaNkulunkulu, nibheke umusa weNkosi yethu uJesu Kristu, kube ngukuphila okuphakade.
- Simelwe ukumbonga njalo uNkulunkulu ngani bazalwane, njengokuba kufanele, ngokuba inkolo yenu iyanda kakhulu, nothando lwenu nonke omunye komunye luyakhula.
- Khanyisa ubuso bakho phezu kwenceku yakho;
ngisindise ngomusa wakho. - Yizwa, Israyeli: uJehova uNkulunkulu wethu, uJehova, munye; wothanda uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo onke amandla akho.
- Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.
- Wena Jehova ungangigodleli ububele bakho;
umusa wakho neqiniso lakho makungilonde njalo.
Izihloko ezihlobene
Umakhelwane
Owesibili yilo: ‘Womthanda umakhelwame...
Umthetho
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
UNkulunkulu
UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Thembekile
Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ngokuthobeka konke nobumnene, ngokubheka kade nokubekezelelana ngothando.Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Akayikuvuma ukuba unyawo lwakho lushelele;okulondolozayo akayikozela.Ivesi elilandelayo