DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Amandla (2/2)

  • Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo,
    nengalo yabo ayibasindisanga;
    kepha kwaba yisandla sakho sokunene, nengalo yakho,
    nokukhanya kobuso bakho,
    ngokuba wawubathanda.
  • Ngokuba okungabonwayo kwakhe, kuthi amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe kubonakala kwasekudalweni kwezwe, ngokuba kuqondakala ngezenzo zakhe, ukuze bangabi nakuzilandulela.
  • Ngokuba kuhlala kuye ngokomzimba ukugcwala konke kobuNkulunkulu; nigcwalisiwe kuye, yena oyinhloko yemibuso yonke namandla.
  • Ngakho wena mntanami, yiba namandla emseni okuKristu Jesu.
  • Nakuba umuntu ahlula oyedwa,
    ababili bayakuma phambi kwakhe,
    nentambo emicu mithathu ayisheshi ukugqashuka.
  • Ingcebo nenkazimulo kuvela kuwe, wena ubusa phezu kwakho konke; esandleni sakho kukhona amandla nezikhwepha, esandleni sakho kukhona ukukhulisa nokunika bonke amandla.
  • Ngubani okusebenzileyo, wakwenza, na?
    Nguye owazibiza izizukulwane kwasekuqaleni:
    mina Jehova engingowokuqala
    nenginguye nakwabokuphela.
  • USomandla singemqonde;
    mkhulu ngamandla nangokwahlulela;
    ngokulunga kwakhe okukhulu akoni lutho.
  • Njengokuba amandla akhe obuNkulunkulu esinikile konke okuqondene nokuphila nokumesaba uNkulunkulu ngokumazi yena owasibiza ngenkazimulo nobuhle bakhe.
  • Ngokuba ngilangazelela ukunibona ukuze nginabele isipho esithile somusa sokomoya ukuba niqiniswe, okungukuthi siduduzane kanye nani phakathi kwenu ngokukholwa kwethu okwenu nokwami.
  • Kodwa nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya kuze kube sekugcineni komhlaba.
  • Ngiyakuqinisa indlu yakwaJuda,
    ngisindise indlu yakwaJosefa,
    ngibabuyise, ngokuba nginomusa kubo,
    babe kungathi angizange ngibalahle,
    ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wabo;
    ngiyakubezwa.
  • Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “UMoya oNgcwele uzakuza phezu kwakho, amandla oPhezukonke akusibekele; ngakho-ke okungcwele okuzozalwa kuzakuthiwa iNdodana kaNkulunkulu.”
  • Futhi ukuyithanda yona ngenhliziyo yonke, nangengqondo yonke, nangamandla onke, nokuthanda umakhelwane njengalokhu umuntu ezithanda yena kudlula yonke iminikelo yokushiswa nemihlatshelo.
  • UJehova wephuza ukuthukuthela,
    mkhulu ngamandla,
    akenzi onecala abe msulwa;
    uJehova unendlela yakhe esivunguvungwini nasesiphephweni,
    namafu ayibhuqu lezinyawo zakhe.

Amavesi eBhayibheli osuku

Ingubani le Nkosi yenkazimulo na?
UJehova Sebawoti
nguyena oyiNkosi yenkazimulo. Sela

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Thokozani njalo; khulekani ningaphezi; kukho konke bongani; ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu kuKristu Jesu ngani.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela