Amavesi EBhayibheli Iqiniso
- Yilowo ohamba ngobuqotho nowenza ukulunga,
okhuluma iqiniso enhliziyweni yakhe,
ongahlebi ngolimi lwakhe,
ongamoni umngane wakhe,
nongamhlazi umakhelwane wakhe. - Bantwanyana, masingathandi ngezwi nangolimi, kodwa ngezenzo nangeqiniso.
- Anginayo intokozo enkulu kunaleyo yokuba ngizwe ukuthi abantwana bami bahamba eqinisweni.
- Khona uJesu wathi kubaJuda abase bekholiwe nguye: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili; niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.”
- Uma sithi sinenhlanganyelo naye sibe sisahamba ebumnyameni, sinamanga, asenzi iqiniso.
- Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhloniphekayo, konke okulungileyo, konke okumhlophe, konke okuthandekayo, konke okutusekayo, noma kukhona okuhle, noma kukhona okubongekayo, zindlani ngalokho.
- UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.”
- Kodwa sithi sikhuluma iqiniso ngothando, sikhulele ngakho konke kuye oyinhloko, uKristu.
- Ngihambise eqinisweni lakho, ungifundise,
ngokuba wena unguNkulunkulu wensindiso yami;
ngilindela wena usuku lonke. - Khuthalela ukuba uziveze uthembekile kuNkulunkulu, isisebenzi esingenamahloni, esiqondisa kahle izwi leqiniso.
- Izindebe zolungileyo ziyakwazi okuhle,
kepha umlomo wababi okuphambeneyo. - Londa ulimi lwakho kokubi,
nezindebe zakho kukho ukukhuluma inkohliso. - Kepha ukukholwa kungukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo, kuyiqiniso ngezinto ezingabonwayo.
- Onke amazwi kaNkulunkulu acwebile;
uyisihlangu kwabaphephela kuye. - Ngikhethile indlela yeqiniso;
izahlulelo zakho ngizibekile phambi kwami. - UNkulunkulu unguMoya; abakhuleka kuye bafanele ukukhuleka ngomoya nangeqiniso.
- Kepha phezu kwakho konke, bazalwane bami, ningafungi; ningafungi izulu noma umhlaba noma esinye isifungo; kodwa uyebo wenu makabe nguyebo, noqhabo uqhabo, ukuze ningaweli ekwahlulelweni.
- Nina-ke, ukugcoba enakwamukela kuye kuhlala kini, anidingi ukuba nobani anifundise; kodwa lokhu ukugcoba kwakhe okunifundisa khona ngakho konke kuyiqiniso, akusiwo amanga, nanjengokuba kunifundisile, hlalani kuye.
- Ngokuthanda kwakhe wasizala ngezwi leqiniso, ukuze sibe ngabokuqala bezidalwa zakhe.
- Kepha sazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ingqondo ukuze simazi oweqiniso; sikuye oweqiniso, kuyo iNdodana yakhe uJesu Kristu. Yena unguNkulunkulu oqinisileyo nokuphila okuphakade.
- Izindebe zamanga ziyisinengiso kuJehova,
kepha abenza iqiniso bayintokozo yakhe. - Ngokuba izwi likaJehova lilungile;
zonke izenzo zakhe ziyakholeka. - Susa kuwe ukuphambana komlomo,
nezindebe eziyisigwegwe uzidedisele kude nawe. - Aluthokozi ngokungalungile, kepha luthokozela iqiniso; lubekezelela izinto zonke, lukholwa yizinto zonke, luthemba izinto zonke, lukhuthazelela izinto zonke.
- Akukho okusitshekelweyo okungayikwambulwa, nokufihliweyo okungayikwaziwa.
Izihloko ezihlobene
Ukuqamba amanga
Izindebe zamanga ziyisinengiso kuJehova...
Ukukhuluma
Ukufa nokuphila kusemandleni olimi...
Thembeka
Bantwanyana, masingathandi ngezwi nangolimi...
IZwi likaNkulunkulu
Ngokuba izwi likaNkulunkulu liphilile...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Amavesi eBhayibheli osuku
Kuyafiswa nokufiswa usuku lonke,kepha olungileyo uyaphana engancishi.
Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Dumisa uJehova ngempahla yakho,nangolibo lwazo zonke izithelo zakho.Ivesi elilandelayo