DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Amavesi EBhayibheli ngokufa

  • UJesu wathi kuye: “Mina ngingukuvuka nokuphila; okholwa yimi, noma efa, wophila. Nalowo ophila, akholwe yimi, kasoze afa naphakade. Uyakholwa yilokho na?”
  • Ngokuba uma siphila, siphilela iNkosi; uma sifa, sifela iNkosi. Ngakho-ke noma siphila noma sifa, singabeNkosi.
  • Ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngezwi lenhlokomo, ngephimbo lengelosi enkulu nangecilongo likaNkulunkulu, nabafileyo kuKristu bayakuvuka kuqala, khona thina, esisekhona sisasele siyakuhlwithwa kanye nabo emafwini, sihlangabeze iNkosi emoyeni; kanjalo-ke siyakuba nayo iNkosi njalo.
  • Ngokuba kimina ukuphila kunguKristu, ukufa kuyinzuzo.
  • Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa,
    angesabi okubi, ngokuba wena unami,
    intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza.
  • Likholekile leli zwi lokuthi: Ngokuba uma safa naye, siyakuphila naye futhi.
  • Ngifake njengophawu enhliziyweni yakho,
    njengophawu engalweni yakho,
    ngokuba uthando lunamandla njengokufa;
    isikhwele silukhuni njengendawo yabafileyo;
    amalangabi alo angamalangabi omlilo,
    ilangabi likaJehova.
  • Ngiyakholwa ukuthi nakufa, nakuphila, nazingelosi, nababusi, nakho okukhona, nakho okuzayo, namandla, nakuphakama, nakujula, nanto enye edaliweyo akuyikuba namandla okusahlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKristu Jesu iNkosi yethu.
  • Ngokuba njengalokhu ku-Adamu bonke bayafa, ngokunjalo futhi kuKristu bonke bayakuphiliswa.
  • Ngokuba angenameli ukufa kofayo, isho iNkosi uJehova; ngalokho buyani, niphile.
  • Ngase ngizwa izwi elikhulu livela esihlalweni sobukhosi, lithi: “Bheka, itabernakele likaNkulunkulu likubantu; uyakuhlala nabo, babe ngabantu bakhe, yena uNkulunkulu abe nabo, azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba khona; ngokuba okokuqala kudlulile.”
  • Kepha ngiphakathi kokubili; nginesifiso sokumuka ngibe noKristu, ngokuba yikhona okuhle kakhulu; kanti-ke ukuhlala enyameni kuswelekile kakhulu ngenxa yenu.
  • Ngokuba siyazi ukuthi uma indlu yethu yasemhlabeni eyidokodo idilizwa, sinesakhiwo esivela kuNkulunkulu, indlu engenziwanga ngezandla, eyaphakade, esezulwini.
  • Ngokuba lokhu ukufa kweza ngomuntu, ukuvuka kwabafileyo nakho kweza ngomuntu.
  • SesiseHayidese saphakamisa amehlo aso, sisebuhlungwini, sambona u-Abrahama ekude, noLazaru esesifubeni sakhe. Samemeza sathi: ‘Baba Abrahama, ngihawukele, uthume uLazaru, agcobhoze isihloko somunwe wakhe emanzini, aphozise ulimi lwami, ngokuba ngiyahlushwa kuleli langabi.’
  • Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukufumana.
  • Ngiyakuyaphi,
    ngisuke emoyeni wakho, na?
    Ngiyakubalekelaphi,
    ngimuke ebusweni bakho, na?
    Uma ngikhuphukela ezulwini,
    wena ulapho;
    uma ngendlala icansi lami endaweni yabafileyo, nangu wena.
  • UJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Baba, ezandleni zakho ngiyawubeka umoya wami.” Eseshilo lokho wafa.
  • Ningabesabi ababulala umzimba bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa nomphefumulo nomzimba esihogweni.
  • Ubusisiwe, ungcwele onesabelo ekuvukeni kokuqala; kulabo ukufa kwesibili akunamandla, kepha bayakuba ngabapristi bakaNkulunkulu nabakaKristu, babuse kanye naye iminyaka eyinkulungwane.
  • Ngokuba cishe kungenzeki ukuba umuntu afele olungileyo, kodwa mhlawumbe kungase kube khona ongaba nesibindi sokufela omuhle; kepha uNkulunkulu uyabonakalisa ukusithanda kwakhe ngalokhu ukuthi, siseyizoni, uKristu wasifela.
  • Bhekani, namuhla ngiyahamba indlela yomhlaba wonke; niyazi ezinhliziyweni zenu zonke nasemiphefumulweni yenu yonke ukuthi akuphuthanga nento eyodwa kuzo zonke izinto ezinhle azikhuluma uJehova uNkulunkulu wenu ngani; kwenziwa konke kini, akuphuthanga nento eyodwa kukho.
  • Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga, ukhuluma okungokwakhe, lokhu engumqambimanga noyise wawo.
  • Ngiyenamela nokwenamela ukufa komubi yini, isho iNkosi uJehova, kungabi ukuba abuye endleleni yakhe, aphile, na?

Amavesi eBhayibheli osuku

Kanjalo-ke nesitsha emva kokudla, ethi: “Lesi sitsha siyisivumelwano esisha egazini lami elithululelwa nina.”

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele benhliziyo, nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubheka kade.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela