- Kepha yathi kubo: “Ningethuki; nifuna uJesu waseNazaretha obebethelwe esiphambanweni; uvukile; kakho lapha; bhekani nansi indawo lapho bebembeke khona.”
- Kwathi eseshilo lokho, wakhushulwa bebuka; ifu lamsusa emehlweni abo.
- UJesu wathi kuye: “Uma uthanda ukuphelela, hamba uthengise ngempahla yakho, uphe abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.”
- Ingabe uthi ngingecele kuBaba angithumele manje amalegiyona ezingelosi adlula ishumi nambili na?
- Kepha wena Betlehema Efratha,
omncane ukuba ube phakathi kwemindeni yakwaJuda,
ngiyakuphunyelwa ngovela kuwe,
ozakuba ngumbusi kwa-Israyeli,
okuvela kwakhe kusukela endulo ezinsukwini zaphakade. - Ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Mariya, ngokuba ufumene umusa kuNkulunkulu. Bheka, uzakukhulelwa, uzale indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu.”
- Kepha isipho somusa asinjengesiphambeko; ngokuba uma ngesiphambeko samuntu munye abaningi bafa, ikakhulu kwavama kwabaningi umusa nesipho sikaNkulunkulu ngomusa wamuntu munye, uJesu Kristu.
- Ngokuba njengomzimba umunye, kepha unezitho eziningi, nezitho zonke zomzimba, nokuba ziziningi, zingumzimba munye, unjalo-ke noKristu.
- Lokhu konke kwenzeka ukuba kugcwaliseke okwakhulunywa yiNkosi ngomprofethi ukuthi: “Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana; bayakuyiqamba igama lokuthi u-Emanuweli,” okungukuthi ngokuhunyushwa “uNkulunkulu unathi”.
- Ngalokho iNkosi uqobo iyakukunika isibonakaliso: bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, ibize igama layo ngokuthi u-Imanuweli.
- Bathi besagqolozela ezulwini emuka, bheka, amadoda amabili ayemi kubo, embethe izingubo ezimhlophe, athi: “Madoda aseGalile, nimeleni nibheka ezulwini na? UJesu lo, osuswe kini enyuselwa ezulwini, uyakuza kanjalo, njengalokho nimbonile eya ezulwini.”
- Kepha uMduduzi, uMoya oNgcwele, uBaba ayakumthumela egameni lami uyakunifundisa konke, anikhumbuze konke enginitshele khona.
- UPawulu wayesethi: “UJohane wabhapathiza umbhapathizo wokuphenduka, ethi kubantu mabakholwe nguyena obezakuza emva kwakhe, kungukuthi uJesu.”
- UJesu egcwele uMoya oNgcwele wabuya eJordani, waholekela ngoMoya ehlane, elingwa nguSathane izinsuku ezingamashumi amane. Akadlanga lutho kulezo zinsuku; seziphelile, walamba.
- Sebembonile ehamba phezu kolwandle, bacabanga ukuthi yisithunzi; bakhala. Ngokuba bonke bambona, bethuka.
Kepha washesha wakhuluma nabo, wathi kubo: “Yimani isibindi; yimina, ningesabi.” - Kakho lapha, kepha uvukile; khumbulani ukukhuluma kwakhe kini eseseGalile, ethi: ‘INdodana yomuntu imelwe ukukhashelwa ezandleni zabantu abayizoni, ibethelwe, ivuke ngosuku lwesithathu.’
- Kwathi ukuba uJesu ewamukele uviniga, wathi: “Kufeziwe;” wagebisa ikhanda, wafa.
- Kwathi bebhapathiziwe abantu bonke, naye uJesu esebhapathiziwe, ekhuleka, izulu lavuleka, uMoya oNgcwele enesimo somzimba njengejuba wehlela phezu kwakhe; kwavela izwi ezulwini, lithi: “Wena uyiNdodana yami ethandekayo; ngithokozile ngawe.”
- Nami bengingamazi, kodwa owangithuma ukubhapathiza ngamanzi wathi kimi: ‘Lowo oyakubona uMoya ehla ahlale phezu kwakhe, nguyena obhapathiza ngoMoya oNgcwele.’
- Kakhulu kangakanani igazi likaKristu owazinikela kuNkulunkulu ngoMoya ophakade engenacala lizakuhlanza unembeza wethu emisebenzini efileyo, ukuze sikhonze uNkulunkulu ophilayo.
- Abafazi mabathobele amadoda abo kungathi kukuyo iNkosi, ngokuba indoda iyinhloko yomfazi, njengokuba noKristu uyinhloko yebandla, yena engumsindisi womzimba.
- Thokoza kakhulu,
ndodakazi yaseSiyoni;
jabula nokujabula,
ndodakazi yaseJerusalema;
bheka, iNkosi yakho iza kuwe,
ilungile, inensindiso,
ithobekile, ikhwele imbongolo,
ithole, inkonyane yembongolokazi. - UJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Baba, ezandleni zakho ngiyawubeka umoya wami.” Eseshilo lokho wafa.
- Kodwa ingelosi yaphendula, yathi kwabesifazane: “Ningesabi nina; ngokuba ngiyazi ukuthi nifuna uJesu obebethelwe esiphambanweni; kakho lapha, ngokuba uvukile njengokusho kwakhe; zanini nibone indawo lapho ebelele khona.”
- Bhekani, sikhuphukela eJerusalema; iNdodana yomuntu izakukhashelwa kubapristi abakhulu nababhali; bazakuyinqumela ukuba ife, bayikhaphele kwabezizwe ukuba iklolodelwe, ishaywe, ibethelwe esiphambanweni; kepha ngosuku lwesithathu izakuvuswa.
Izihloko ezihlobene
UBaba
Njengoyise ehawukela abantwana bakhe...
Insindiso
Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Ukubethelwa
Yena owathwala izono zethu...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
Amavesi eBhayibheli osuku
Inhliziyo yomuntu iceba indlela,kepha uJehova uyaqondisa izinyathelo zakhe.
Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Noma umkhiwane ungakhahleli,kungabikho izithelo emvinini,
umsebenzi womnqumo uphuthe,
amasimu angavezi ukudla,
izimvu zinqunywe esibayeni,
kungabikho nkomo ezibayeni,
nokho mina ngiyakuthokoza ngoJehova,
ngijabulele uNkulunkulu wokusindiswa kwami.Ivesi elilandelayo