- Yilowo nalowo okhuluma izwi elimelene neNdodana yomuntu uyakuthethelelwa; kepha lowo okhuluma elimelene noMoya oNgcwele akayikuthethelelwa nakuleli zwe nakwelizayo.
- UJesu wathi kuye: “Ungangithinti, ngokuba angikenyukeli kuBaba. Kepha yana kubazalwane bami, ubatshele ukuthi ngenyukela kuBaba noYihlo, kuNkulunkulu wami noNkulunkulu wenu.”
- Njalo-ke iNkosi uJesu isikhulumile kubo yakhushulelwa ezulwini, yahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu.
- Wayesebiza isixuku nabafundi bakhe, wathi kubo: “Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele.”
- Khona uJesu wabuye wathi kubo: “Ukuthula makube kinina. Njengokuba uBaba engithume mina, nami ngiyanithuma nina.”
- Yebo, bonke abathanda ukuhamba ngokumesaba uNkulunkulu kuKristu Jesu bayakuzingelwa.
- Kepha manje kuKristu Jesu nina enanikade nikude senenziwe abaseduze ngegazi likaKristu.
- Ngokuba kuKristu Jesu akusizi lutho ukusoka nokungasoki, kepha kuphela ukukholwa okusebenza ngothando.
- Wayesethi kubo: “Ngilandeleni; ngiyakunenza nibe ngabadobi babantu.”
- Kuvunyiwe ukuthi inkulu imfihlakalo yokukhonza uNkulunkulu yokuthi:
Owabonakaliswa enyameni, walungisiswa emoyeni,
wabonwa yizingelosi, washunyayelwa ezizweni,
wakholeka ezweni, waphakanyiselwa enkazimulweni. - Ukuze izinhliziyo zabo ziduduzwe, behlanganisiwe othandweni babe nengcebo yonke yokwazi okuphelele, bazisise imfihlakalo kaNkulunkulu enguKristu.
- Kepha yathi kubo: “Ningethuki; nifuna uJesu waseNazaretha obebethelwe esiphambanweni; uvukile; kakho lapha; bhekani nansi indawo lapho bebembeke khona.”
- Kepha nina bathandekayo, yakhelanani ekukholweni kwenu okungcwele kakhulu, nikhuleke ngoMoya oNgcwele, nizigcine othandweni lukaNkulunkulu, nibheke umusa weNkosi yethu uJesu Kristu, kube ngukuphila okuphakade.
- Ngakho ephakanyiselwe ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esamukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele, wakuthulula lokhu enikubonayo nenikuzwayo.
- Ngokuba lokhu ukufa kweza ngomuntu, ukuvuka kwabafileyo nakho kweza ngomuntu.
- Wabahola, baze bafika ngaseBethaniya, waphakamisa izandla zakhe, wababusisa. Kwathi esababusisa, wahlukana nabo, wenyuselwa ezulwini.
- Khona uJesu wabaphendula wathi: “Imfundiso yami akusiyo eyami kodwa ngeyongithumileyo.”
- Wayesethabatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika, wathi: “Lokhu kungumzimba wami onikelwa nina; yenzani lokhu ukuba ningikhumbule.”
- Ningathi ngize ukuchitha umthetho nabaprofethi; angizanga ukuchitha, ngize ukugcwalisa.
- Owasikhulula emandleni obumnyama nowasibeka embusweni weNdodana yothando lwakhe; okukuyo sinokuhlengwa, ukuthethelelwa kwezono.
- Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “UMoya oNgcwele uzakuza phezu kwakho, amandla oPhezukonke akusibekele; ngakho-ke okungcwele okuzozalwa kuzakuthiwa iNdodana kaNkulunkulu.”
- Ngakho makungabikho muntu onilahla ngokudla nesiphuzo, noma ngemikhosi, noma ukwethwasa kwenyanga, noma amasabatha, okuyisithunzi nje salokhu obekuzakuza; kepha umzimba ngokaKristu.
- Nxa esefikile uMduduzi engiyakumthumela kini evela kuBaba, uMoya weqiniso, ophuma kuBaba, nguyena oyakufakaza ngami.
- Ingabe uthi ngingecele kuBaba angithumele manje amalegiyona ezingelosi adlula ishumi nambili na?
- Aba, Baba, konke kungenzeka kuwe; ake ususe kimi lesi sitsha, kepha kungabi njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba uthanda wena.
Izihloko ezihlobene
UBaba
Njengoyise ehawukela abantwana bakhe...
Insindiso
Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba...
Ukubethelwa
Yena owathwala izono zethu...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
