- KuNkulunkulu noBaba wethu makube ludumo kuze kube phakade naphakade. Amen.
- Ngokuba uJehova uyathokoza ngabantu bakhe;
abathobekileyo uyabahlobisa ngensindiso. - Ngokuba nayo iNdodana yomuntu ayizelanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.
- Ungasiphi thina, Jehova,
ungasiphi thina,
kepha uliphe igama lakho inkazimulo
ngenxa yomusa wakho nangenxa yeqiniso lakho. - UJehova uyaphofisa, abesecebisa;
uyathobisa, abesephakamisa. - Wozani; masikhuleke, sikhothame,
siguqe phambi kukaJehova,
uMenzi wethu. - Wo kuye olwa noMenzi,
udengezi phakathi kwezindengezi zomhlaba!
Ibumba liyakusho kolibumbayo ukuthi:
‘Wenzani na?’
nomsebenzi wakho ukuthi:
‘Akanazo izandla,’ na? - Kalokhu-ke mina Nebukadinesari ngiyatusa, ngiyaphakamisa, ngiyidumisa iNkosi yezulu, ngokuba yonke imisebenzi yayo iyiqiniso, nezindlela zayo zingukwahlulela; abahamba ngokuzidla inamandla okubathobisa.
- Uma-ke mina, iNkosi noMfundisi, ngigeze izinyawo zenu, nani-ke nifanele ukugezana izinyawo.
- Akunjalo phakathi kwenu, kodwa yilowo nalowo ofuna ukuba mkhulu phakathi kwenu makabe yisikhonzi senu; nalowo ofuna ukuba ngowokuqala phakathi kwenu makabe yinceku yenu.
- Futhi nxa nizila ukudla, ninganyukumali njengabazenzisi; ngokuba bona banyakamisa ubuso babo, ukuze babonakale kubantu ukuthi bazilile. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewamukele umvuzo wabo.
- Ngokuba kulotshiwe ukuthi:
“ ‘Kuphila kwami,’ isho iNkosi,
‘kimina ayakuguqa amadolo onke,
nezilimi zonke ziyakudumisa uNkulunkulu.’ ” - Umzalwane ophansi makazincome ngokuphakama kwakhe, kepha oyisicebi makazincome ngobuphansi bakhe, ngokuba njengembali yotshani uyakudlula.
- Kepha yena onamandla okwenza okukhulu kakhulu kunakho konke esikucelayo nesikuqondayo ngokwamandla asebenza kithi, makube kuye udumo ebandleni nakuKristu Jesu ezizukulwaneni zonke zaphakade naphakade. Amen.
- Umuntu uyini ukuba umkhumbule,
nendodana yomuntu ukuba uyinake na? - Yizwa umkhuleko wami, Jehova,
ulalele ukumemeza kwami;
ungathuli ngezinyembezi zami,
ngokuba ngingumfokazi kuwe;
ngiyisihambi njengokhokho bami bonke. - Ngakho-ke anokhuleka kanje, nithi:
“Baba wethu osezulwini,
malingcweliswe igama lakho;
mawufike umbuso wakho;
mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini. ” - Thokoza kakhulu,
ndodakazi yaseSiyoni;
jabula nokujabula,
ndodakazi yaseJerusalema;
bheka, iNkosi yakho iza kuwe,
ilungile, inensindiso,
ithobekile, ikhwele imbongolo,
ithole, inkonyane yembongolokazi. - Funani uJehova nina nonke bathobekileyo bomhlaba
enisebenzile ukwahlulela kwakhe;
funani ukulunga; funani ukuthobeka;
mhlawumbe niyakusitshekelwa ngosuku lolaka lukaJehova. - Babusisiwe abampofu emoyeni,
ngokuba umbuso wezulu ungowabo. - Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Inceku ayinkulu kunenkosi yayo, nothunyiweyo kamkhulu kunomthumileyo.
- Kepha umthelisi emi kude wayengafuni nakuphakamisela amehlo akhe ngasezulwini, kodwa washaya isifuba sakhe, ethi: ‘Nkulunkulu, ngihawukele mina soni.’
Izihloko ezihlobene
Ukuziqhenya
Lapho kufika ukuziqhenya, kufika...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Ukukhonza
Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo...
Khulekela
Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa...
Umvuzo
Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo...
Ukulunga
Olandela ukulunga nomusa uyafumana...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ngiyanincenga, bazalwane, ukuba niqaphele ababanga ukwahlukana nokukhubekisa, bephambene nesifundiso enafundiswa sona nina, nahlukane nabo.Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
UJehova useduze nabo bonke abambizayo,bonke abambizayo ngeqiniso.Ivesi elilandelayo
