Amavesi EBhayibheli ngomusa
- Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuba samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.
- UJehova makakubusise, akulondoloze;
uJehova makakhanyise ubuso bakhe phezu kwakho,
abe nomusa kuwe;
uJehova makaphakamise ubuso bakhe phezu kwakho,
akuphe ukuthula. - Kepha uNkulunkulu ecebile ngesihawu, ngenxa yothando lwakhe olukhulu asithanda ngalo, sesifile ngeziphambeko, wenza siphile kanye noKristu – kungomusa nisindisiwe.
- Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKristu, senihluphekile isikhashana, yena uqobo uyakuniphelelisa, aniqinise, aninike amandla, anisekele.
- UJehova unobubele nesihawu;
wephuza ukuthukuthela, kuvama umusa. - Ngokuba umusa kaNkulunkulu wokusindisa ubonakalisiwe kubantu bonke; uyasifundisa ukuba sidele ukungakholwa nezinkanuko zezwe, sihambe ngokuqonda, nangokulunga, nangokumesaba uNkulunkulu kulesi sikhathi samanje.
- Owasisindisa, wasibiza ngobizo olungcwele, kungengokwemisebenzi yethu kepha ngokwelakhe icebo nomusa, esawuphiwa kuKristu Jesu zingakabikho izikhathi.
- Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu; akuveli ngemisebenzi, ukuze kungabikho ozibongayo.
- Ngokuba isono asiyikubusa phezu kwenu; ngokuba aniphansi komthetho, kepha niphansi komusa.
- Ngalokho uJehova uyakulindela
ukuba abe nomusa kini;
nangalokhu uyakuphakama ukuba abe nesihe kini,
ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwahlulela;
babusisiwe bonke abamhlalelayo. - Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani nonke.
Amen. - Ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu; balungisisiwe ngesihle ngomusa wakhe ngokuhlengwa okukuKristu Jesu.
- Yathi kimi: “Umusa wami ukwanele; ngokuba amandla ami apheleliswa ebuthakathakeni.” Ngakho kunalokho ngijabulela ukuzibonga ngobuthakathaka bami, ukuze amandla kaKristu ahlale phezu kwami.
- Ngokuba uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo wasezulwini uyakunithethelela nani.
- Kunjani, pho, na? Siyakona ngokuba singephansi komthetho kodwa phansi komusa na? Qha nakanye.
- Ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu unomusa nesihe, akayikunifulathela, uma nibuyela kuye.
- Yebo, ubuhle beNkosi uNkulunkulu wethu abube phezu kwethu,
umise umsebenzi wezandla zethu phezu kwethu;
yebo, umsebenzi wezandla zethu uwumise. - Impela okuhle nomusa kuyakungilandela
imihla yonke yokuphila kwami;
ngiyakuhlala endlini kaJehova kuze kube phakade. - Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nomoya wenu.
- Ngalokho zibopheni izinkalo zengqondo yenu, nizithibe, nethembe ngokupheleleyo umusa enizakuwabelwa ekwambulweni kukaJesu Kristu.
- Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.
- Kepha isipho somusa asinjengesiphambeko; ngokuba uma ngesiphambeko samuntu munye abaningi bafa, ikakhulu kwavama kwabaningi umusa nesipho sikaNkulunkulu ngomusa wamuntu munye, uJesu Kristu.
- Kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu. Inkazimulo mayibe kuye namanje nakuze kube lusuku lwaphakade.
- Ukuze njengalokho isono sabusa ngokufa, nomusa ubuse kanjalo ngokulunga, kube ngukuphila okuphakade ngoJesu Kristu iNkosi yethu.
- Kepha ukuphila angikushayi into yalutho ukuba kube yigugu kimi, kuphela ukuba ngiphelelise ukuhamba kwami nenkonzo engayamukela eNkosini uJesu yokufakaza ngevangeli lomusa kaNkulunkulu.
Izihloko ezihlobene
Isihe
Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
Intethelelo
Osibekela isiphambeko ufuna uthando...
Isibusiso
UJehova makakubusise, akulondoloze; uJehova...
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Amavesi eBhayibheli osuku
Wogcina izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho namuhla ukuba kube kuhle kuwe, nakubantwana bakho emva kwakho, wandise izinsuku zakho ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona kuze kube phakade.Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho,ungenciki kokwakho ukuqonda.
Mazise yena ezindleleni zakho zonke,
uyakuqondisa imikhondo yakho.Ivesi elilandelayo