- Anginayo intokozo enkulu kunaleyo yokuba ngizwe ukuthi abantwana bami bahamba eqinisweni.
- Yenama ngosuku lwenhlanhla,
kepha ngosuku olubi qonda ukuthi
nalolu uNkulunkulu ulwenzile njengalolo,
ukuze umuntu angafumani lutho
oluyakuba khona emva kwakhe. - Ngiyazi ukuthi akukho okuhle kubo kunokuba bathokoze, bazenzele okumnandi besekhona. Kepha futhi ukuba abantu bonke badle, baphuze, babone okuhle kuwo wonke umshikashika wabo kuyisipho sikaNkulunkulu nalokho.
- Ngithokoza ngendlela yobufakazi bakho njengemfuyo.
- Yala abacebileyo kuleli zwe lamanje ngokuthi bangakhukhumali, bangathembeli engcebeni engemiyo, kepha mabathembele kuNkulunkulu osicebisa ngakho konke, sithokoze ngakho.
- Uyise wolungileyo uyakwethaba nokwethaba,
nozala ohlakaniphileyo uyathokoza ngaye. - Njengabadabukileyo kepha siyathokoza njalo, njengabampofu kepha sicebisa abaningi, njengabangenalutho kanti sinakho konke.
- Wayesethi kubo: “Hambani nidle okunonileyo, niphuze okumnandi, nithumele izabelo kwabangalungiselwanga lutho, ngokuba lolu suku lungcwele kuJehova; ningadabuki, ngokuba injabulo kaJehova iyinqaba yenu.”
- Kepha akusikho lokho kuphela, kodwa sizibonga nangezinhlupheko ngokwazi ukuthi ukuhlupheka kuveza ukukhuthazela, ukukhuthazela kuveza ukuqiniseka, ukuqiniseka kuveza ithemba.
- Hamba udle isinkwa sakho ngentokozo, uphuze iwayini ngenhliziyo enhle, ngokuba uNkulunkulu usevumile imisebenzi yakho.
- Esakhuluma, bheka ifu elikhanyayo labasithibeza; bheka, kwavela izwi efwini, lathi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo; yizweni.”
- Ingelosi yathi kubo: “Ningesabi; ngokuba bhekani, nginibikela izindaba ezinhle zokuthokoza okukhulu okuzakuba kubantu bonke.”
- Ndodana yami,
uma inhliziyo yakho ihlakanipha,
inhliziyo yami iyakuthokoza,
yebo, eyami. - Imiyalo kaJehova ilungile,
ijabulisa inhliziyo;
umyalezo kaJehova uhlanzekile,
ukhanyisa amehlo. - Nokho ningathokozi ngalokhu kokuthi omoya bayanithobela, kepha thokozani ngokuthi amagama enu alotshiwe ezulwini.
- Kepha kinina enilesabayo igama lami kuyakuphuma ilanga lokulunga, linokuphilisa emaphikweni alo; niyakuphuma, nitshekule njengamathole esibaya.
- Inkohliso isezinhliziyweni zabaceba okubi,
kepha abaluleka ukuthula,
kubona kukhona intokozo. - Futhi khumbula uMdali wakho
emihleni yobusha bakho,
zingakafiki izinsuku ezimbi,
ingakasondeli iminyaka osho ngayo ukuthi:
“Angithokozi ngayo.” - Ngithi kini: Kanjalo kuyakuba khona ukuthokoza ezulwini ngesoni sisinye esiphendukayo, kunabalungileyo abangamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye abangasweli ukuphenduka.
- Ithemba labalungileyo liyakuba yintokozo,
kepha abakwethembayo ababi kuyakubhubha. - Ngithi kini: Kanjalo kukhona ukuthokoza phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu ngesoni sisinye esiphendukayo.
- Futhi bonke abantu uNkulunkulu abaphe ingcebo nemfuyo, abanike futhi namandla okudla kukho ukuba bathathe izabelo zabo, bathokoze ngomshikashika wabo lokho kuyisipho sikaNkulunkulu.
- Umvini ubunile,
imikhiwane iwumile;
imipomegranati, namasundu,
nemi-apula,
nemithi yonke yasendle kubunile,
ngokuba intokozo ibunile phakathi kwamadodana abantu. - Indodana ehlakaniphileyo ithokozisa uyise,
kepha indodana eyisiwula ilusizi kunina.
Izihloko ezihlobene
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
Inhliziyo
Phezu kwakho konke okugcinayo...
Ukudla
Ngokuba usuthisa umphefumulo olangazelayo...
UNkulunkulu
UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi...
Umthetho
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Ukudabuka
Labo bayakhala, uJehova uyezwa...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ingubani le Nkosi yenkazimulo na?UJehova Sebawoti
nguyena oyiNkosi yenkazimulo. Sela