- Noma umkhiwane ungakhahleli,
kungabikho izithelo emvinini,
umsebenzi womnqumo uphuthe,
amasimu angavezi ukudla,
izimvu zinqunywe esibayeni,
kungabikho nkomo ezibayeni,
nokho mina ngiyakuthokoza ngoJehova,
ngijabulele uNkulunkulu wokusindiswa kwami. - Ngokuba “bonke abayakukhuleka egameni leNkosi bayakusindiswa.”
- Ngenxa yokuba ubuyigugu emehlweni ami,
futhi ubudumile, uthandekile kimi,
ngiyakunika abantu esikhundleni sakho,
nezizwe esikhundleni sokuphila kwakho. - Insindiso yami nodumo lwami kukuNkulunkulu;
idwala lami eliqinileyo nesiphephelo sami kukuNkulunkulu. - Mina ngiyisango; uma umuntu engena ngami, uyakusindiswa, angene, aphume, afumane idlelo.
- Ngokuba izwi lesiphambano kwababhubhayo lingubuwula, kepha kithina esisindiswayo lingamandla kaNkulunkulu.
- Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.
- Ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngezwi lenhlokomo, ngephimbo lengelosi enkulu nangecilongo likaNkulunkulu, nabafileyo kuKristu bayakuvuka kuqala, khona thina, esisekhona sisasele siyakuhlwithwa kanye nabo emafwini, sihlangabeze iNkosi emoyeni; kanjalo-ke siyakuba nayo iNkosi njalo.
- Kodwa okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa.
- Onayo iNdodana unokuphila; ongenayo iNdodana kaNkulunkulu akanakho ukuphila.
- Ngiyakuninika inhliziyo entsha, ngifake phakathi kwenu umoya omusha, ngikhiphe inhliziyo yetshe enyameni yenu, ngininike inhliziyo yenyama.
- Ngakho-ke unamandla okusindisa ngokupheleleyo abeza kuNkulunkulu ngaye, lokhu ephilela njalo ukubamela.
- Ngiphulukise, Jehova, ngiphuluke;
ngisindise, ngisindiswe,
ngokuba uludumo lwami. - Ngiyakuthanda, Jehova,
mandla ami.
Jehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami;
uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo,
nesihlangu sami,
nophondo lokusindiswa kwami,
inqaba yami ephakemeyo. - Ngokuba uNkulunkulu ekuKristu wenza ukuba izwe libuyisane naye, engababaleli iziphambeko zabo, ebeka kithi izwi lokubuyisana.
- Kepha, bazalwane, ngiyanikhumbuza ivangeli enganishumayeza lona nenalamukelayo nenimi kulo, nenisindiswa ngalo, nxa nibambelela ezwini enganishumayeza lona, uma kambe ukukholwa kwenu kungabanga yize.
- Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukufumana.
- Labo bayakhala, uJehova uyezwa;
uyabakhulula kuzo zonke izinhlupheko zabo.
UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo;
uyabasindisa abanomoya odabukileyo. - Okholwa yiNdodana unokuphila okuphakade; kepha ongakholwa yiNdodana kayikubona ukuphila, kodwa intukuthelo kaNkulunkulu ihlezi phezu kwakhe.
- Wasisindisa kungengamisebenzi yokulunga esayenzayo thina kepha ngokwesihawu sakhe ngesigezo sokuphindukuzalwa nokwenziwa sibe basha ngoMoya oNgcwele.
- Kepha thina singabombuso wasezulwini, lapho futhi silindela khona ukuba kuvele uMsindisi, iNkosi uJesu Kristu.
- Isela kalizi kungengokweba nokubulala nokubhubhisa; mina ngize ukuba babe nokuphila, babe nakho kuchichime.
- Njengokuba impumalanga yahlukene nentshonalanga,
udedisile kangaka kithi iziphambeko zethu. - Ngihambise eqinisweni lakho, ungifundise,
ngokuba wena unguNkulunkulu wensindiso yami;
ngilindela wena usuku lonke. - Esephelelisiwe waba yisisusa sokusindiswa okuphakade kubo bonke abamlalelayo.
Izihloko ezihlobene
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
Ukulunga
Olandela ukulunga nomusa uyafumana...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
Ukuphila okungunaphakade
Ngizinika ukuphila okuphakade, azisoze...
Amavesi eBhayibheli osuku
Usithethelele amacala ethu,njengalokhu nathi sibathethelela
abanecala kithi.
Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Nakuba umuntu ahlula oyedwa,ababili bayakuma phambi kwakhe,
nentambo emicu mithathu ayisheshi ukugqashuka.Ivesi elilandelayo
