Amavesi EBhayibheli ngokuzithiba
- Njengomuzi odiliziweyo ungenalugange,
unjalo umuntu omoya wakhe ungenakubanjwa. - Ngokuba uNkulunkulu akasiphanga umoya wobugwala, kepha owamandla, nowothando, nowokuzikhuza.
- Ngalokho nengezela inkuthalo yonke nelekele ubuhle ekukholweni, nasebuhleni ukwazi, nasekwazini ukuzithiba, nasekuzithibeni ukukhuthazela, nasekukhuthazeleni ukumesaba uNkulunkulu, nasekumesabeni uNkulunkulu ukuthanda abazalwane, nasekuthandeni abazalwane uthando.
- Owephuza ukuthukuthela muhle kuneqhawe,
nobusa umoya wakhe kunonqoba umuzi. - Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka, nobumnene, nokuzithiba. Akukho mthetho omelana nokunjalo.
- Niyakwazi lokho, bazalwane bami abathandekayo. Yilowo nalowo muntu makasheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze ukuthukuthela.
- Ukufa nokuphila kusemandleni olimi,
nabaluthandayo bayakudla izithelo zalo. - Anifikelwanga ukulingwa okungenjengokwabantu; kepha uNkulunkulu uthembekile, ongayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu, kepha oyakuthi kanye nokulingwa anenzele indlela yokuphepha, nize nibe namandla okukuthwala.
- Ngalokho-ke masingalali njengabanye, kodwa masiqwashe, siqonde.
- Ukukhathazeka kwesiwula kuyaziwa ngosuku,
kepha oqondileyo uyasibekela ihlazo. - Ngokuba umusa kaNkulunkulu wokusindisa ubonakalisiwe kubantu bonke; uyasifundisa ukuba sidele ukungakholwa nezinkanuko zezwe, sihambe ngokuqonda, nangokulunga, nangokumesaba uNkulunkulu kulesi sikhathi samanje.
- Isiwula sikhipha lonke ulaka lwaso,
kepha ohlakaniphileyo uyalugodla ekugcineni. - Kodwa ngiyawutuba umzimba wami, ngiwenza isigqila, ukuba mina engishumayeza abanye ngingaliwa mina uqobo.
- Ningalingisi leli zwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibe ntsha ingqondo yenu, ukuze nibe nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu, okuhle, nokuthandekayo, nokupheleleyo.
- Bonke abancintisanayo bayazithiba ezintweni zonke; labo benza ukuze bathole umqhele ophelayo, kepha thina ukuze sithole ongapheliyo.
- Ngokuba asibambene negazi nenyama, kodwa sibambene nemibuso, namandla, nababusi bezwe balobu bumnyama, nabawomoya bobubi emkhathini.
- Ungaphambuki ngakwesokunene nangakwesokhohlo;
chezukisa unyawo lwakho ebubini. - Ziqapheleni nina, ukuze ningalahlekelwa ngesikusebenzileyo, kodwa namukele umvuzo opheleleyo.
- Ngenza isivumelwano namehlo ami:
ngingabuka kanjani intombi na? - Ningagodlelani, kuphela kube ngokwesikhathi ngokuvumelana ukuba nithole ithuba lokukhuleka, nibuye nibe ndawonye, ukuze uSathane anganiyengi ngokungazibambi kwenu.
- Ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu, ukungcweliswa kwenu, ukuba nidede ebufebeni ukuba yilowo nalowo kini akwazi ukuhlala nomkakhe ngobungcwele nangokuhlonipha, kungabi ngokushisa kwenkanuko njengabezizwe abangamazi uNkulunkulu.
Izihloko ezihlobene
Izifiso
Kepha ngithi: Hambani ngoMoya...
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
UMoya
INkosi inguye uMoya; kepha...
Intukuthelo
Thukuthelani ningoni; ilanga malingashoni...
USathane
Qondani, nilinde. Isitha senu...
Ucansi
Ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho futhi elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Ngihole, Nkulunkulu,wazi inhliziyo yami;
ngilinge, wazi imicabango yami,
ubone, uma kukhona indlela yosizi kimi,
ungiholele endleleni yaphakade.Ivesi elilandelayo