DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Disemba 2012)

UMsombuluko, Disemba 31, 2012

Wayesethi kubo: “Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo.”

ISonto, Disemba 30, 2012

Umuntu uyathokoza ngokuphendula komlomo wakhe,
nezwi ngesikhathi salo lihle kangakanani!

UMgqibelo, Disemba 29, 2012

Ngakho ngiyanincenga, bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandeka kuNkulunkulu, kube ngukukhonza kwenu kokuqonda.

ULwesihlanu, Disemba 28, 2012

UJehova muhle, ulungile;
ngalokho ufundisa izoni indlela.
Abathobekileyo ubaholela kokulungileyo,
abathobekileyo ubafundisa indlela yakhe.

ULwesine, Disemba 27, 2012

Akakho othi esokhela isibani, asimboze ngesitsha nokuba asibeke phansi kombhede, kepha usifaka othini, ukuze abangenayo babone ukukhanya.

ULwesithathu, Disemba 26, 2012

Akakho ongcwele njengoJehova,
ngokuba akakho noyedwa ngaphandle kwakho;
futhi alikho idwala elinjengoNkulunkulu wethu.

ULwesibili, Disemba 25, 2012

Ukuthi nizalelwe namuhla uMsindisi onguKristu iNkosi emzini kaDavide.

UMsombuluko, Disemba 24, 2012

Lokhu sinalezo zithembiso, bathandwa, masizihlambulule ekungcoleni konke kwenyama nokomoya, siphelelise ubungcwele ngokumesaba uNkulunkulu.

ISonto, Disemba 23, 2012

Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izahlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo!

UMgqibelo, Disemba 22, 2012

Yilowo ohamba ngobuqotho nowenza ukulunga,
okhuluma iqiniso enhliziyweni yakhe,
ongahlebi ngolimi lwakhe,
ongamoni umngane wakhe,
nongamhlazi umakhelwane wakhe.

ULwesihlanu, Disemba 21, 2012

Akungabikho ozifunela okwakhe, kodwa akube yilowo nalowo afunele omunye.

ULwesine, Disemba 20, 2012

Ungakhandlekeli ukuceba;
kuyeke ngokuqonda kwakho.

ULwesithathu, Disemba 19, 2012

Thina singabaJuda ngemvelo, singesizo izoni zabezizwe; kepha lokhu sazi ukuthi umuntu akalungisiswa ngemisebenzi yomthetho, kuphela ngokukholwa nguKristu Jesu, nathi sakholwa nguKristu Jesu ukuba silungisiswe ngokukholwa nguKristu kungengemisebenzi yomthetho; ngokuba ngemisebenzi yomthetho akuyikulungisiswa nyama.

ULwesibili, Disemba 18, 2012

Ukuphelela kwabaqotho kuyabahola,
kepha ukuphambanisa kwabambuluzayo kuyabachitha.

UMsombuluko, Disemba 17, 2012

Bukani izinyoni zezulu ukuthi azihlwanyeli, azivuni, azibekeleli ezinqolobaneni; nokho uYihlo wasezulwini uyazondla. Nina kanizidluli kakhulu na?

ISonto, Disemba 16, 2012

Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.

UMgqibelo, Disemba 15, 2012

Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba. Umhlaba wawuyihlane elingenalutho; kwakungubumnyama phezu kotwa, kepha uMoya kaNkulunkulu wehla wenyuka phezu kwamanzi.

Amavesi eBhayibheli osuku

Bhekani, uyeza namafu, namehlo onke ayakumbona, nabo abamgwazayo, nezizwe zonke zomhlaba ziyakulila ngaye. Yebo, Amen.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Kepha makacele ngokukholwa engangabazi ngalutho; ngokuba ongabazayo unjengedlambi lolwandle eliqhutshwa, ligujiswa ngumoya.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela