DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Januwari 2013)

ULwesine, Januwari 31, 2013

Ngokuba uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo wasezulwini uyakunithethelela nani.

ULwesithathu, Januwari 30, 2013

Ngizakumisa uthingo lwami emafwini, lube luphawu lwesivumelwano phakathi kwami nomhlaba.

ULwesibili, Januwari 29, 2013

Ngizakumisa isivumelwano sami nawe; akusayikubhujiswa nyama ngamanzi kazamcolo; akasayikuza uzamcolo ukuba achithe umhlaba.

UMsombuluko, Januwari 28, 2013

Ukwenza kwenu makungabi ngokokufisa imali; yaneliswani ngeninakho; ngokuba yena ushilo wathi: “Angisoze ngakuyeka, angisoze ngakushiya,”

ISonto, Januwari 27, 2013

Kulugibe ukusho ngamawala ukuthi:
“Kungcwele,”
abesebuya acabange emva kwezithembiso zakhe.

UMgqibelo, Januwari 26, 2013

Ngakho siyakuthini na? Sihlale esonweni, ukuze kuvame umusa na? Qha nakanye. Thina esafa maqondana nesono singabuye sihambe kanjani kuso na?

ULwesihlanu, Januwari 25, 2013

Kunye engikucele kuJehova,
ngiyakufuna khona:
ukuba ngihlale endlini kaJehova
izinsuku zonke zokuphila kwami
ukubona ubuhle bukaJehova,
ngibuke ithempeli lakhe.

ULwesine, Januwari 24, 2013

Kepha umbhalo uvalele konke phansi kwesono, ukuze isithembiso ngokukholwa nguJesu Kristu siphiwe abakholwayo.

ULwesithathu, Januwari 23, 2013

Mawube kini lowo mqondo owawukhona nakuKristu Jesu.

ULwesibili, Januwari 22, 2013

Ningaduki; uNkulunkulu akahlekwa. Ngokuba lokho akuhlwanyelayo umuntu, lokho wokuvuna.

UMsombuluko, Januwari 21, 2013

Ingcebo yobubi ayisizi lutho,
kepha ukulunga kophula ekufeni.

ISonto, Januwari 20, 2013

Ofakaza ngalezi zinto uthi: “Yebo, ngiyeza masinyane.”
Amen. Woza, Nkosi Jesu!

UMgqibelo, Januwari 19, 2013

Haleluya!
Ubusisiwe umuntu omesabayo uJehova,
othokoza kakhulu ngemithetho yakhe.

ULwesihlanu, Januwari 18, 2013

Nezilimi zonke zivume ngokuthi UJESU KRISTU UYINKOSI, kube yinkazimulo kuNkulunkulu uYise.

ULwesine, Januwari 17, 2013

Imfuyo etholakala kalula iyancipha,
kepha obutha kancane kancane uyandiselwa.

ULwesithathu, Januwari 16, 2013

Kepha ukukholwa kungukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo, kuyiqiniso ngezinto ezingabonwayo.

ULwesibili, Januwari 15, 2013

Umuntu omuhle nguye onomusa, otshelekayo,
esekela izindaba zakhe ngokulunga.

UMsombuluko, Januwari 14, 2013

Yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni siphile ekulungeni, oyena imivimbo yakhe naphulukiswa ngayo.

ISonto, Januwari 13, 2013

UJehova ungukukhanya kwami nensindiso yami;
ngizakwesaba bani na?
UJehova uyinqaba yokuphila kwami;
ngizakuba novalo ngobani na?

UMgqibelo, Januwari 12, 2013

Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhloniphekayo, konke okulungileyo, konke okumhlophe, konke okuthandekayo, konke okutusekayo, noma kukhona okuhle, noma kukhona okubongekayo, zindlani ngalokho.

ULwesihlanu, Januwari 11, 2013

Ohamba encetheza uyambula izimfihlakalo,
kepha othembekile emoyeni uyayisibekela indaba.

ULwesine, Januwari 10, 2013

Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani nonke.
Amen.

ULwesithathu, Januwari 9, 2013

Kwathi ngokuba ababelethisi bamesaba uNkulunkulu, wabavusela imizi.

ULwesibili, Januwari 8, 2013

Kepha noma nihlupheka ngenxa yokulunga, nibusisiwe. Ningesabi ukwesabisa kwabo, ningakhathazeki.

UMsombuluko, Januwari 7, 2013

Ngokuba akayikugudluka kuze kube phakade;
olungileyo uyakukhunjulwa kuze kube phakade.

ISonto, Januwari 6, 2013

Ukubekezela kwenu akwaziwe ngabantu bonke; iNkosi iseduze.

UMgqibelo, Januwari 5, 2013

Bazalwane, uma umuntu ehlelwa yisiphambeko, nina bomoya mbuyiseni onjalo ngomoya wobumnene; uzibheke wena, funa uyengwe nawe.

ULwesihlanu, Januwari 4, 2013

Umphefumulo ophanayo uyakukhuluphaliswa;
ophuzisayo uyakuphuziswa naye.

ULwesine, Januwari 3, 2013

Kunjalo noKristu, esenikelwe kanye ukuba athwale izono zabaningi, uyakubonakala ngokwesibili ngaphandle kwesono kulabo abamlindeleyo, kube ngukusindiswa.

ULwesithathu, Januwari 2, 2013

Wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wanika abafundi ukuba babele isixuku. Badla, basutha bonke, kwabuthwa imvuthuluka eyasala kubo, iziqabetho eziyishumi nambili.

ULwesibili, Januwari 1, 2013

Niyakuhamba njalo endleleni uJehova uNkulunkulu wenu aniyale ngayo, ukuze niphile, kube kuhle kini, nandise izinsuku zenu ezweni eniyakulidla.

Amavesi eBhayibheli osuku

Kanjalo-ke nesitsha emva kokudla, ethi: “Lesi sitsha siyisivumelwano esisha egazini lami elithululelwa nina.”

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Lapho udabula emanzini,
mina nginawe;
nasemifuleni, ayiyikukukhukhula;
lapho uhamba emlilweni, awuyikusha,
nelangabi aliyikukushisa.
Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela