DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Februwari 2013)

ULwesine, Februwari 28, 2013

Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuyena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.

ULwesithathu, Februwari 27, 2013

Kepha yazithwala izifo zethu,
yabetshatha ubuhlungu bethu,
kodwa thina sathi ijezisiwe,
ishaywe nguNkulunkulu, ihlushiwe.

ULwesibili, Februwari 26, 2013

Yebo, yalinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu,
yachotshozwa ngobubi bethu;
isijeziso sasiphezu kwayo ukuba sibe nokuthula,
nangemivimbo yayo siphilisiwe thina.

UMsombuluko, Februwari 25, 2013

Yizwa, Israyeli: uJehova uNkulunkulu wethu, uJehova, munye; wothanda uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo onke amandla akho.

ISonto, Februwari 24, 2013

Osibekela isiphambeko ufuna uthando,
kepha onokondisa indaba wahlukanisa abahlobo.

UMgqibelo, Februwari 23, 2013

Thina siyathanda, ngokuba yena wasithanda kuqala.

ULwesihlanu, Februwari 22, 2013

Ngokuba uNkulunkulu akasiphanga umoya wobugwala, kepha owamandla, nowothando, nowokuzikhuza.

ULwesine, Februwari 21, 2013

Olandela ukulunga nomusa
uyafumana ukuphila, nokulunga, nodumo.

ULwesithathu, Februwari 20, 2013

Kepha ngithi: Hambani ngoMoya, khona aniyikufeza izinkanuko zenyama.

ULwesibili, Februwari 19, 2013

UJehova ungakimi, angiyikwesaba;
umuntu angangenzani na?

UMsombuluko, Februwari 18, 2013

Funani okuhle, hhayi okubi,
ukuze niphile,
abe nani uJehova uNkulunkulu Sebawoti kanjalo,
njengalokhu nisho.

ISonto, Februwari 17, 2013

Ngalokho zibopheni izinkalo zengqondo yenu, nizithibe, nethembe ngokupheleleyo umusa enizakuwabelwa ekwambulweni kukaJesu Kristu.

UMgqibelo, Februwari 16, 2013

Ukutshelile, muntu, okuhle;
uJehova ufunani kuwe,
kungabi ngukwenza ukulunga kuphela nokuthanda umusa,
uhambe noNkulunkulu wakho ngokuthobeka, na?

ULwesihlanu, Februwari 15, 2013

Ngokuba umusa kaNkulunkulu wokusindisa ubonakalisiwe kubantu bonke; uyasifundisa ukuba sidele ukungakholwa nezinkanuko zezwe, sihambe ngokuqonda, nangokulunga, nangokumesaba uNkulunkulu kulesi sikhathi samanje.

ULwesine, Februwari 14, 2013

Kanjalo uma umuntu ekuKristu, uyisidalwa esisha; okwakuqala kudlulile; bheka, sekuvele okusha.

ULwesithathu, Februwari 13, 2013

Esakhuluma, bheka ifu elikhanyayo labasithibeza; bheka, kwavela izwi efwini, lathi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo; yizweni.”

ULwesibili, Februwari 12, 2013

Umuntu angahamba phezu
kwamalahle avuthayo,
izinyawo zakhe zingahanguki, na?

UMsombuluko, Februwari 11, 2013

Ningasebenzeli ukudla okuphelayo kepha ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyakunipha khona iNdodana yomuntu, ngokuba uYise uNkulunkulu ubekile uphawu kuyona.

ISonto, Februwari 10, 2013

Ukuba ngize kini ngokuthokoza, ngentando kaNkulunkulu, ngiphumule kanye nani.

UMgqibelo, Februwari 9, 2013

UNkulunkulu unguMoya; abakhuleka kuye bafanele ukukhuleka ngomoya nangeqiniso.

ULwesihlanu, Februwari 8, 2013

Ngokuba nganelisile imiphefumulo eyethileyo, ngigcwalisile yonke imiphefumulo enosizi.

ULwesine, Februwari 7, 2013

Yiyona ewakhayo amakamelo ayo aphezulu ezulwini,
isekele igobela lawo emhlabeni;
yiyona ewabizayo amanzi olwandle,
iwathululele ebusweni bomhlaba;
nguJehova igama layo.

ULwesithathu, Februwari 6, 2013

Ningenzi lutho ngombango nangodumo lwezwe; kepha ngokuthobeka nishaye sengathi abanye bakhulu kunani.

ULwesibili, Februwari 5, 2013

Odlayo angamdeleli ongadliyo, ongadliyo angamahluleli odlayo, ngokuba uNkulunkulu umamukele.

UMsombuluko, Februwari 4, 2013

Kepha obuthakathaka ekukholweni mamukeleni, kungabi ngokwahlulela ngezizindlo.

ISonto, Februwari 3, 2013

Ngakho siyakuthini na? Umthetho uyisono na? Qha nakanye; kepha bengingasazanga isono, uma bekungengomthetho; ngokuba ukufisa bengingakwazanga, uma umthetho ubungashongo ukuthi: “Ungafisi.”

UMgqibelo, Februwari 2, 2013

Lapho kungekho khona ukululekana,
amasu ayachitheka,
kepha ngobuningi babeluleki ayakuma.

ULwesihlanu, Februwari 1, 2013

UJesu wathi kuyo: “Hamba-ke; ukukholwa kwakho kukusindisile.” Yayisibona khona lapho, yamlandela endleleni.

Amavesi eBhayibheli osuku

Thandanani ngenhliziyo ngothando lobuzalwane; ekwazisaneni nandulelane.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Insizwa iyakuyihlanza kanjani indlela yayo na?
Ngokuqaphela okwezwi lakho.
Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela