DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Mashi 2013)

ISonto, Mashi 31, 2013

Kodwa ingelosi yaphendula, yathi kwabesifazane: “Ningesabi nina; ngokuba ngiyazi ukuthi nifuna uJesu obebethelwe esiphambanweni; kakho lapha, ngokuba uvukile njengokusho kwakhe; zanini nibone indawo lapho ebelele khona.”

UMgqibelo, Mashi 30, 2013

Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa,
angesabi okubi, ngokuba wena unami,
intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza.

ULwesihlanu, Mashi 29, 2013

Amhlubula, amembathisa ingubo ebomvu, aluka umqhele wameva, awufaka ekhanda lakhe, nomhlanga esandleni sakhe sokunene, aguqa ngamadolo phambi kwakhe, ambhinqa athi: “Bayede, nkosi yabaJuda!”

ULwesine, Mashi 28, 2013

Imfuyo yesicebi ingumuzi waso onamandla;
injengogange oluphakemeyo emicabangweni yaso.

ULwesithathu, Mashi 27, 2013

Ngokuba nonke ningabantwana bakaNkulunkulu ngokukholwa kuKristu. Ngokuba nonke enabhapathizelwa kuKristu nembatha uKristu.

ULwesibili, Mashi 26, 2013

Anifikelwanga ukulingwa okungenjengokwabantu; kepha uNkulunkulu uthembekile, ongayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu, kepha oyakuthi kanye nokulingwa anenzele indlela yokuphepha, nize nibe namandla okukuthwala.

UMsombuluko, Mashi 25, 2013

Ngokuba wena, Nkosi, umuhle, ungothethelelayo,
unomusa omkhulu kubo bonke abakhala kuwe.

ISonto, Mashi 24, 2013

Izixuku ezazihamba phambili nezazimlandela zamemeza zathi:
“Hosiyana kuyo iNdodana kaDavide!
Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.
Hosiyana kweliphezulu!”

UMgqibelo, Mashi 23, 2013

Ngiyakholwa ukuthi nakufa, nakuphila, nazingelosi, nababusi, nakho okukhona, nakho okuzayo, namandla, nakuphakama, nakujula, nanto enye edaliweyo akuyikuba namandla okusahlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKristu Jesu iNkosi yethu.

ULwesihlanu, Mashi 22, 2013

Bantwanyana, masingathandi ngezwi nangolimi, kodwa ngezenzo nangeqiniso.

ULwesine, Mashi 21, 2013

Ngakho-ke lindani, ngokuba anazi ukuthi iNkosi yenu iyakufika ngaluphi usuku.

ULwesithathu, Mashi 20, 2013

Thwalisanani imithwalo yenu, nigcwalise kanjalo umthetho kaKristu.

ULwesibili, Mashi 19, 2013

Wathi kubo: “Yilowo nalowo oyakwamukela lo mntwana ngegama lami uyangamukela mina, ongamukela mina uyamamukela ongithumileyo; ngokuba omncinyane kini nonke nguye omkhulu.”

UMsombuluko, Mashi 18, 2013

Ingcebo ayisizi ngosuku lolaka,
kepha ukulunga kophula ekufeni.

ISonto, Mashi 17, 2013

Siyazi ukuthi kwabamthandayo uNkulunkulu konke kusebenzelana kube ngokuhle, kulabo ababiziweyo ngecebo lakhe.

UMgqibelo, Mashi 16, 2013

Ngokuba izwi likaJehova lilungile;
zonke izenzo zakhe ziyakholeka.

ULwesihlanu, Mashi 15, 2013

Kepha kunjengokuba kulotshiwe ukuthi:
“Lokho iso elingakubonanga,
nendlebe engakuzwanga,
okungavelanga enhliziyweni yamuntu,
uNkulunkulu akulungisela abamthandayo.”

ULwesine, Mashi 14, 2013

Ngalokho-ke vuselelanani, nakhane njengokuba futhi nikwenza.

ULwesithathu, Mashi 13, 2013

UNkulunkulu akazange abonwe muntu; uma sithandana, uNkulunkulu uhlala kithi, nothando lwakhe luphelele kithi.

ULwesibili, Mashi 12, 2013

Bathandekayo, uma uNkulunkulu wasithanda kanjalo, nathi simelwe ukuthandana.

UMsombuluko, Mashi 11, 2013

Kepha abaningi abokuqala bayakuba ngabokugcina, nabokugcina babe ngabokuqala.

ISonto, Mashi 10, 2013

Ngokuba uyayazi indlela yami;
esengivivinyile,
ngiyakuphuma njengegolide.
Unyawo lwami lunamathele ezinyathelweni zakhe;
ngigcinile indlela yakhe,
angiphambukanga.

UMgqibelo, Mashi 9, 2013

Jehova, unguNkulunkulu wami;
ngiyakukuphakamisa,
ngidumise igama lakho,
ngokuba wenzile izimangaliso,
namasu asendulo, nokuthembeka, neqiniso.

ULwesihlanu, Mashi 8, 2013

Kepha mngcweliseni uKristu abe yiNkosi ezinhliziyweni zenu, nihlale ningabalungele ukubaphendula bonke abanibuza isizathu sethemba elikini.

ULwesine, Mashi 7, 2013

Yazi-ke ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu, uNkulunkulu othembekileyo, ogcina isivumelwano nomusa nabamthandayo abagcina imiyalo yakhe kuze kube sezizukulwaneni eziyinkulungwane.

ULwesithathu, Mashi 6, 2013

UNkulunkulu wethemba makanigcwalise ngenjabulo yonke nangokuthula konke ekukholweni, ukuze nivame ethembeni ngamandla kaMoya oNgcwele.

ULwesibili, Mashi 5, 2013

Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka, nobumnene, nokuzithiba. Akukho mthetho omelana nokunjalo.

UMsombuluko, Mashi 4, 2013

Njengezingane ezisand' ukuzalwa langazelelani ubisi olungokomoya olungenakonakala, ukuze nikhule ngalo kube ngukusindiswa.

ISonto, Mashi 3, 2013

Isixuku sabakholwayo sasinhliziyonye nomphefumulo munye; akwabakho noyedwa owasho ngezimpahla zakhe ukuthi ngezakhe, kodwa bakuhlanganyela konke.

UMgqibelo, Mashi 2, 2013

Ubusisiwe umuntu othemba kuJehova,
nothemba lakhe linguJehova.
Ngokuba uyakuba njengomuthi otshalwe ngasemanzini,
ozenabisa izimpande zawo ngasemfuleni,
ongesabi lapho kufika ukushisa,
amaqabunga awo abe luhlaza,
angabi naluvalo ngomnyaka wesigagadu,
anganqamuki ukuthela izithelo.

ULwesihlanu, Mashi 1, 2013

Ngokuba munye uNkulunkulu, munye nomlamuleli phakathi kukaNkulunkulu nabantu, umuntu uKristu Jesu.

Amavesi eBhayibheli osuku

Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuba samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Bheka, kuhle, kumnandi kangaka
ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye.
Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela