DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Ephreli 2013)

ULwesibili, Ephreli 30, 2013

Yena uyitshe eladelelwa yinina bakhi, eselaba yinhloko yegumbi.

UMsombuluko, Ephreli 29, 2013

Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele benhliziyo, nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubheka kade.

ISonto, Ephreli 28, 2013

Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni; ngokuba esevivinyekile uyakwamukeliswa umqhele wokuphila othenjisiwe yiNkosi kwabayithandayo.

UMgqibelo, Ephreli 27, 2013

Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kepha isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu.

ULwesihlanu, Ephreli 26, 2013

Ngokuba ngenxa kaKristu nina nabelwa ngomusa, angisho ukukholwa kuye kuphela kepha nokuhlupheka ngenxa yakhe.

ULwesine, Ephreli 25, 2013

Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nomoya wenu.

ULwesithathu, Ephreli 24, 2013

Khulisa umntwana ngendlela eyakuba ngeyakhe;
kuyakuthi lapho esekhulile,
angasuki kuyo.

ULwesibili, Ephreli 23, 2013

Kepha makacele ngokukholwa engangabazi ngalutho; ngokuba ongabazayo unjengedlambi lolwandle eliqhutshwa, ligujiswa ngumoya.

UMsombuluko, Ephreli 22, 2013

Ngakhala kuye ngomlomo wami;
ukudumisa kwakuphansi kolimi lwami.

ISonto, Ephreli 21, 2013

Kepha ngenxa yobufebe akube yilowo nalowo abe nowakhe umfazi, nalowo wesifazane abe neyakhe indoda.

ULwesihlanu, Ephreli 19, 2013

Ungesabi, ngokuba mina nginawe;
ungapheli amandla,
ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho;
ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza,
yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.

ULwesine, Ephreli 18, 2013

Kepha ngiphakathi kokubili; nginesifiso sokumuka ngibe noKristu, ngokuba yikhona okuhle kakhulu; kanti-ke ukuhlala enyameni kuswelekile kakhulu ngenxa yenu.

ULwesithathu, Ephreli 17, 2013

Bafazi, thobelani amadoda enu njengokufanele eNkosini.
Madoda, thandani omkenu, ningabacasukeli.

ULwesibili, Ephreli 16, 2013

Kepha ngahawukelwa ngalokhu ukuze uJesu Kristu abonakalise kimi engingesikhulu konke ukubekezela kwakhe, ngibe yisibonelo kwabazakukholwa nguye, baze babe nokuphila okuphakade.

UMsombuluko, Ephreli 15, 2013

INkosi ayilibali ngesithembiso sayo, njengalokhu abanye bathi kungukulibala, kepha iyanibekezelela, ingathandi ukuba kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke beze ekuphendukeni.

ISonto, Ephreli 14, 2013

Yazisa uyihlo nonyoko, ukuze izinsuku zakho zibe zinde ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.

UMgqibelo, Ephreli 13, 2013

Thokozani njalo; khulekani ningaphezi; kukho konke bongani; ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu kuKristu Jesu ngani.

ULwesihlanu, Ephreli 12, 2013

Ungesabi, mhlambi omncane; ngokuba kwathandeka kuYihlo ukuninika umbuso.

ULwesine, Ephreli 11, 2013

Nginilobele lokho, ukuze nazi ukuthi ninokuphila okuphakade nina enikholwa egameni leNdodana kaNkulunkulu.

ULwesithathu, Ephreli 10, 2013

Kepha uNkulunkulu ecebile ngesihawu, ngenxa yothando lwakhe olukhulu asithanda ngalo, sesifile ngeziphambeko, wenza siphile kanye noKristu – kungomusa nisindisiwe.

ULwesibili, Ephreli 9, 2013

Njengoyise ehawukela abantwana bakhe,
kanjalo uJehova uyabahawukela abamesabayo.

UMsombuluko, Ephreli 8, 2013

Nalokho kuvela kuJehova Sebawoti
oyisimangaliso ekululekeni
nomkhulu emaswini.

ISonto, Ephreli 7, 2013

Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza.

UMgqibelo, Ephreli 6, 2013

Ukuthula kukaKristu makubuse ezinhliziyweni zenu, enabizelwa futhi kukho emzimbeni munye; futhi yibani ngababongayo.

ULwesihlanu, Ephreli 5, 2013

Insindiso yami nodumo lwami kukuNkulunkulu;
idwala lami eliqinileyo nesiphephelo sami kukuNkulunkulu.

ULwesine, Ephreli 4, 2013

Uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi.

ULwesithathu, Ephreli 3, 2013

Ngokuba sizalelwa umntwana,
siphiwa indodana;
umbuso uyakuba semahlombe akhe,
negama lakhe liyakuthiwa
uMluleki omangalisayo,
uNkulunkulu onamandla,
uYise ongunaphakade,
iNkosi yokuthula.

ULwesibili, Ephreli 2, 2013

Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami
nokukhanya endleleni yami.

UMsombuluko, Ephreli 1, 2013

Okholwayo abhapathizwe uyakusindiswa, kepha ongakholwayo uyakulahlwa.

Amavesi eBhayibheli osuku

Ngikhala kuwe Jehova
ngisotweni phansi.
Nkosi, yizwa izwi lami;
izindlebe zakho mazilalele izwi lokuncenga kwami.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Kodwa nxa nikhuleka, ningathemelezi njengabezizwe, ngokuba bathi bayakuzwiwa ngokukhuluma kwabo okuningi.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela