DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Meyi 2013)

ULwesihlanu, Meyi 31, 2013

Wayesethi kubo bonke: “Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe imihla ngemihla, angilandele.”

ULwesine, Meyi 30, 2013

Ngokuba okokuqala nganinika lokho engakwamukela nami ukuthi uKristu wafa ngenxa yezono zethu njengokwemibhalo, nokuthi wembelwa, nokuthi wavuswa kwabafileyo ngosuku lwesithathu njengokwemibhalo.

ULwesithathu, Meyi 29, 2013

Kodwa sithi sikhuluma iqiniso ngothando, sikhulele ngakho konke kuye oyinhloko, uKristu.

ULwesibili, Meyi 28, 2013

Ngokuba ngubani onguNkulunkulu ngaphandle kukaJehova,
ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na?

UMsombuluko, Meyi 27, 2013

Indlela kaNkulunkulu iphelele;
izwi likaJehova lihlanzekile;
yena uyisihlangu kubo bonke abaphephela kuye.

ISonto, Meyi 26, 2013

Muphe yilowo nalowo ocela kuwe; nokwaphuca okwakho, ungabuyi ukubize kuye.

UMgqibelo, Meyi 25, 2013

Kepha ngithi kini enizwayo: Thandani izitha zenu, nenze okuhle kwabanizondayo, nibusise abaniqalekisayo, nibakhulekele abanidumazayo.

ULwesihlanu, Meyi 24, 2013

“Ngokuba imicabango yami
ayisiyo imicabango yenu,
nezindlela zenu
azisizo izindlela zami,” usho uJehova.

ULwesine, Meyi 23, 2013

“Ngokuba ngiyazi mina imicabango engiyicabanga ngani,” usho uJehova, “imicabango yokuthula kungengeyobubi ukuba ngininike isikhathi esizayo nethemba.”

ULwesithathu, Meyi 22, 2013

Ngokuba uma sathola ukubuyisana noNkulunkulu ngokufa kweNdodana yakhe sise yizitha, ikakhulu siyakusindiswa ngokuphila kwayo sesitholile ukubuyisana.

ULwesibili, Meyi 21, 2013

Nginobani ezulwini na?
Uma nginawe, angifuni lutho emhlabeni.

UMsombuluko, Meyi 20, 2013

Ngokuba umuntu ukholwa ngenhliziyo kube ngukulunga, ngomlomo uyavuma kube ngukusindiswa.

ISonto, Meyi 19, 2013

Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa.

UMgqibelo, Meyi 18, 2013

Lawa mazwi engikuyala ngawo namuhla ayakuba senhliziyweni yakho, ubafundise impela wona abantwana bakho, uwakhulume lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka.

ULwesihlanu, Meyi 17, 2013

Yona ethi ingukumenyezela kwenkazimulo yakhe, ifuze yena uqobo, iphasa konke ngezwi lamandla ayo, isiyenzile ukuhlanzwa kwezono, yahlala ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu.

ULwesine, Meyi 16, 2013

Ngakho-ke unamandla okusindisa ngokupheleleyo abeza kuNkulunkulu ngaye, lokhu ephilela njalo ukubamela.

ULwesithathu, Meyi 15, 2013

Ngokuba kulotshiwe ukuthi:
“ ‘Kuphila kwami,’ isho iNkosi,
‘kimina ayakuguqa amadolo onke,
nezilimi zonke ziyakudumisa uNkulunkulu.’ ”

ULwesibili, Meyi 14, 2013

Nazi ukuthi anihlengwanga ekuhambeni kwenu okuyize enakunikezwa ngawoyihlo ngezinto ezibhubhayo, isiliva negolide, kodwa ngegazi elinqabileyo likaKristu kungathi elewundlu elingenacala, elingenabala.

UMsombuluko, Meyi 13, 2013

Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukufuna nokusindisa okulahlekileyo.

ISonto, Meyi 12, 2013

Owasisindisa, wasibiza ngobizo olungcwele, kungengokwemisebenzi yethu kepha ngokwelakhe icebo nomusa, esawuphiwa kuKristu Jesu zingakabikho izikhathi.

UMgqibelo, Meyi 11, 2013

Kepha mina ngiyazi ukuthi uMhlengi wami ukhona;
ekupheleni uyakuma othulini.

ULwesihlanu, Meyi 10, 2013

Ningabi nacala lani nakubani, kuphela elokuthandana; ngokuba othanda omunye uwugcwalisile umthetho.

ULwesine, Meyi 9, 2013

Akuseyimi ophilayo, kepha uKristu uphila kimi; kodwa ukuphila engikuphilayo kalokhu enyameni ngikuphila ngokukholwa, okungukukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami.

ULwesithathu, Meyi 8, 2013

Sibhekile kuJesu, umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu, owathi esikhundleni sentokozo ayibekelweyo wathwala isiphambano engalinaki ihlazo, wahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.

ULwesibili, Meyi 7, 2013

Ngokuba izwi lesiphambano kwababhubhayo lingubuwula, kepha kithina esisindiswayo lingamandla kaNkulunkulu.

UMsombuluko, Meyi 6, 2013

Ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu; balungisisiwe ngesihle ngomusa wakhe ngokuhlengwa okukuKristu Jesu.

ISonto, Meyi 5, 2013

Ngakho, vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuba niphulukiswe. Umkhuleko oqinileyo wolungileyo unamandla kakhulu.

UMgqibelo, Meyi 4, 2013

Esinokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kwezono ngokwengcebo yomusa wakhe.

ULwesihlanu, Meyi 3, 2013

Nikani bonke okubafaneleyo: intela kofanele intela, inkokhiso kofanele inkokhiso, ukwesaba kofanele ukwesatshwa, udumo kofanele udumo.

ULwesine, Meyi 2, 2013

Angikuyalile na? Qina, ume isibindi, ungesabi, ungabi naluvalo, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe nomaphi lapho uya khona.

ULwesithathu, Meyi 1, 2013

Esiphiwe ngakho izithembiso eziyigugu nezikhulukazi, ukuze ngazo nibe ngabahlanganyeli nesimo sobuNkulunkulu, nibalekele ukubhubha okusezweni ngezinkanuko.

Amavesi eBhayibheli osuku

Bhekani, uyeza namafu, namehlo onke ayakumbona, nabo abamgwazayo, nezizwe zonke zomhlaba ziyakulila ngaye. Yebo, Amen.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Makabongwe uNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wobubele, uNkulunkulu wenduduzo yonke, osiduduza osizini lwethu lonke, ukuze nathi sibe namandla okududuza abasosizini, nolunjani, ngenduduzo esiduduzwa ngayo nathi nguNkulunkulu.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela