- Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo, yibani ngabagxilile, abangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.
- Buya, uthi kuHezekiya umholi wabantu bami: ‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo, uthi: Ngizwile umkhuleko wakho, ngibonile izinyembezi zakho; bheka, ngiyakukuphilisa; ngosuku lwesithathu uyakwenyukela endlini kaJehova.’
- Manje-ke kumi ukukholwa, nokwethemba, nothando, lokho kokuthathu; kepha okukhulu kulokho luthando.
- Angikuyalile na? Qina, ume isibindi, ungesabi, ungabi naluvalo, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe nomaphi lapho uya khona.
- Kepha ukukholwa kungukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo, kuyiqiniso ngezinto ezingabonwayo.
- Kepha phezu kwakho konke lokho yembathani uthando oluyisibopho sokuphelela.
- Yilesi sibindi esinaso kuye sokuthi, uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa.
- Makakunike njengokwenhliziyo yakho,
afeze icebo lakho lonke. - Lapho udabula emanzini,
mina nginawe;
nasemifuleni, ayiyikukukhukhula;
lapho uhamba emlilweni, awuyikusha,
nelangabi aliyikukushisa. - INkosi inguye uMoya; kepha lapho uMoya weNkosi ekhona, kukhona inkululeko.
- Ngakho-ke bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, kungabi njengabangahlakaniphile kepha njengabahlakaniphileyo, nithengisise isikhathi, ngokuba izinsuku zimbi.
- UJesu wayesethi kuye: “Uma unamandla! Konke kungenzeka kokholwayo.”
- Jehova, unguNkulunkulu wami;
ngiyakukuphakamisa,
ngidumise igama lakho,
ngokuba wenzile izimangaliso,
namasu asendulo, nokuthembeka, neqiniso. - Yilowo nalowo anikele njengalokho azikhethele khona enhliziyweni, kungabi ngokudabuka nangokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda onikelayo ethokoza.
- Qiniselani ekukhulekeni, nilinde kukho ninokubonga.
- Thina siyalwazi, sikholwa yilo lolu thando uNkulunkulu analo kithina. UNkulunkulu uluthando, nohlala othandweni uhlala kuNkulunkulu, noNkulunkulu uhlala kuye.
- Ethembeni nithokoze; osizini nibekezele; ekukhulekeni niqinisele njalo.
- Mhla ngesabayo
ngiyakwethemba wena. - Niyakungibiza, niye ukukhuleka kimi, ngiyakunizwa.
- Lokho ngikukhulume kini ukuba nibe nokuthula kimi. Ezweni niyakuba lusizi, kepha yimani isibindi, mina ngilinqobile izwe.
- Kepha phakathi kobusuku oPawulu noSila bekhuleka bamdumisa uNkulunkulu ngamahubo, iziboshwa zabezwa.
- Ngokuba yimina Jehova uNkulunkulu wakho
obamba isandla sakho sokunene,
nothi kuwe: Ungesabi,
mina ngiyakusiza. - Maniphathane ngobumnene, nihawukelane, nithethelelane, njengalokho noNkulunkulu wanithethelela ngoKristu.
- Lindani nigxile ekukholweni, nibe ngamadoda, nibe namandla.
- Bheka, kuhle, kumnandi kangaka
ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye.
Ukubukwa kwamavesi awu-100 weBhayibheli athandwa kakhulu kuDailyVerses.net.
Izihloko ezihlobene
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Ngiyethemba
“Ngokuba ngiyazi mina imicabango...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Umndeni
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Khulekela
Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa...
Umkhuleko
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
