- Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka, nobumnene, nokuzithiba. Akukho mthetho omelana nokunjalo.
- Kepha kanazi yini ukuthi abangalungile abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu na? Ningadukiswa. Nazifebe, nabakhonza isithombe, naziphingi, nazihlobongi, nabesilisa abalalanayo, namasela, nabahahayo, nazidakwa, nazithuki, nabaphangi abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.
- Inyama yami nenhliziyo yami iyaphela;
nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami
nesabelo sami kuze kube phakade. - Ngalokho-ke vuselelanani, nakhane njengokuba futhi nikwenza.
- Osibekela isiphambeko ufuna uthando,
kepha onokondisa indaba wahlukanisa abahlobo. - Bazithobe abantu bami ababizwa ngegama lami, bakhuleke, bafune ubuso bami, baphenduke ezindleleni zabo ezimbi, ngiyakuzwa ezulwini, ngithethelele isono sabo, ngiphilise izwe labo.
- Bongani uJehova, ngokuba muhle,
ngokuba umusa wakhe umi phakade. - Yini ukuba udangale,
mphefumulo wami,
uyaluze phakathi kwami, na?
Methembe uNkulunkulu,
ngokuba ngisezakumdumisa yena
oyinsindiso yobuso bami noNkulunkulu wami. - Ngokuba nonke ningabantwana bakaNkulunkulu ngokukholwa kuKristu. Ngokuba nonke enabhapathizelwa kuKristu nembatha uKristu.
- Phezu kwakho konke okugcinayo,
gcina inhliziyo yakho,
ngokuba kuyilapho kuvela khona ukuphila. - Yibani ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo kuphela, nizikhohlisa.
- Njengasemanzini ubuso bubhekana nobuso,
injalo inhliziyo yomuntu kumuntu. - Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuze nibe namandla okumelana namaqhinga kaSathane.
- Kepha makacele ngokukholwa engangabazi ngalutho; ngokuba ongabazayo unjengedlambi lolwandle eliqhutshwa, ligujiswa ngumoya.
- Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza.
- Ngibize, ngiyakukuphendula, ngikutshele izinto ezinkulu nezifihlekileyo ongazaziyo.
- Ningalingisi leli zwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibe ntsha ingqondo yenu, ukuze nibe nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu, okuhle, nokuthandekayo, nokupheleleyo.
- Makabongwe uNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wobubele, uNkulunkulu wenduduzo yonke, osiduduza osizini lwethu lonke, ukuze nathi sibe namandla okududuza abasosizini, nolunjani, ngenduduzo esiduduzwa ngayo nathi nguNkulunkulu.
- Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuba samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.
- Kepha ngiyanincenga, bazalwane, ngegama leNkosi yethu uJesu Kristu ukuba nikhulume zwilinye nonke, kungabikho ukwahlukana phakathi kwenu, kodwa nipheleliswe emqondweni munye nasekuboneni kunye.
- Akakho onothando olukhulu kunalolo lokuba adele ukuphila kwakhe ngenxa yabahlobo bakhe.
- Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifunisisa ngenhliziyo yenu yonke.
- Konke okuphefumulayo makudumise uJehova.
Haleluya! - UJesu ebabheka wathi: “Kubantu akunakwenzeka, kepha kuNkulunkulu akunjalo; ngokuba kuNkulunkulu kungenzeka konke.”
- Umngane uthanda ngezikhathi zonke,
nomzalwane uzalwa ekuhluphekeni.
Ukubukwa kwamavesi awu-100 weBhayibheli athandwa kakhulu kuDailyVerses.net.
Izihloko ezihlobene
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Ngiyethemba
“Ngokuba ngiyazi mina imicabango...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Umndeni
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Khulekela
Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa...
Umkhuleko
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
