- Ngokuba wena Jehova uyambusisa olungileyo;
umphahla ngomusa njengesihlangu. - Manje-ke, Israyeli, uJehova uNkulunkulu wakho ufunani kuwe ngaphandle kokuba umesabe uJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ngezindlela zakhe zonke, umthande, umkhonze uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, ugcine imiyalo kaJehova nezimiso zakhe engakuyala ngakho ngalolo suku ukuba kube kuhle kuwe, na?
- Ugcine isiyalezo sikaJehova uNkulunkulu wakho ukuba uhambe ezindleleni zakhe, ugcine izimiso zakhe, nemiyalo yakhe, nezahlulelo zakhe, nobufakazi bakhe njengokulotshiweyo emthethweni kaMose, ukuze uphumelele kukho konke okwenzayo nakukho konke okubhekayo.
- Sibusisiwe isizwe esiNkulunkulu waso nguJehova,
isizwe asikhethileyo sibe yifa lakhe. - Babusisiwe abakhalayo,
ngokuba bayakududuzwa. - Ukufa nokuphila kusemandleni olimi,
nabaluthandayo bayakudla izithelo zalo. - Kepha obukisisa emthethweni opheleleyo wenkululeko nohlala kuwo, engesiye ozwayo nje akhohlwe, kodwa engowenzayo asebenze, lowo uzakuba ngobusisiweyo ekwenzeni kwakhe.
- Khanyisa ubuso bakho phezu kwenceku yakho;
ngisindise ngomusa wakho. - Uyabekela abaqotho isibusiso,
uyihawu kwabahamba bengenacala. - Yazisa uyihlo nonyoko, ukuze izinsuku zakho zibe zinde ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.
- Ubusisiwe osiphambeko sakhe sithethelelwe,
osono sakhe sisibekelwe. - Sindisa, Jehova! ngiyakuncenga;
hlahlamelisa, Jehova! ngiyakucela.
Makabusiswe ozayo egameni likaJehova;
siyanibusisa sisendlini kaJehova. - Emlonyeni munye kuphuma ukubusisa nokuqalekisa. Akufanele, bazalwane bami, ukuba lokho kube kanjalo.
- Yizwa, ndodana yami,
wamukele izwi lami;
kuyakuthi iminyaka yokuphila kwakho ibe miningi. - Ukukhunjulwa kolungileyo kubusisekile,
kepha igama lababi liyabola. - Wabahola, baze bafika ngaseBethaniya, waphakamisa izandla zakhe, wababusisa. Kwathi esababusisa, wahlukana nabo, wenyuselwa ezulwini.
- UJehova wambuyisa uJobe ekuhluphekeni, lapho ekhulekela abangane bakhe; wenezela kukho konke uJobe ayenakho ngokukuphinda kabili.
- Umuntu uyini ukuba umkhumbule,
nendodana yomuntu ukuba uyinake na? - Kwathi ngokuba ababelethisi bamesaba uNkulunkulu, wabavusela imizi.
- Uma nihamba ngezimiso zami, nigcine imiyalo yami, niyenze, ngiyakuninika imvula ngesikhathi sayo, izwe lithele ukudla kwalo, imithi yasendle ithele izithelo zayo.
- “Uma ningezwa, uma ningakubeki enhliziyweni ukunika igama lami udumo,” usho uJehova Sebawoti, “ngiyakuthuma kini isiqalekiso, ngiqalekise izibusiso zenu, yebo, sengiziqalekisile, ngokuba anikubeki enhliziyweni.”
- Nibusisiwe, nxa abantu benizonda
nanxa benicwasa, benithuka,
belilahla igama lenu ngokungathi libi
ngenxa yeNdodana yomuntu. - Ngiyakwandisa inzalo yakho, ibe ngangezinkanyezi zezulu, ngiyiphe inzalo yakho onke lawa mazwe; ngenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba, ngokuba u-Abrahama walalela izwi lami, wagcina ukusho kwami, nemiyalo yami, nezimiso zami, nemithetho yami.
- Bheka, ubusisiwe lowo muntu uNkulunkulu amlayayo;
ngalokho ungadeleli ukukhuzwa nguSomandla. - UJesu wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Akukho muntu oshiye indlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma unina, noma uyise, noma abantwana, noma amazwe ngenxa yami nangenxa yevangeli, ongayikwamukeliswa ngekhulu: manje kulesi sikhathi izindlu, nabafowabo, nawodadewabo, nawonina, nabantwana, namazwe kanye nokuzingelwa, nasenkathini ezayo ukuphila okuphakade.”
Izihloko ezihlobene
Umthetho
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Ukulalela umthetho
UJesu waphendula, wathi kuye...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Umusa
Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni...
Ukuthula
UJehova makakubusise, akulondoloze; uJehova...
Ukukhuluma
Ukufa nokuphila kusemandleni olimi...
Amavesi eBhayibheli osuku
Omunye wazisa olunye usuku kunolunye, omunye wazisa izinsuku zonke; yilowo nalowo akaqiniseke enhliziyweni yakhe.Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Uyaphilisa abenhliziyo echobozekileyo;izilonda zabo uyazibopha.Ivesi elilandelayo
