- Makwandiswe kini umusa nokuthula nothando.
- Babusisiwe abalamulayo,
ngokuba bayakuthiwa abantwana bakaNkulunkulu. - “Ngenisani konke okweshumi endlini yengcebo ukuba kube ngukudla endlini yami, ningivivinye ngalokhu,” usho uJehova Sebawoti, “uma ngingayikunivulela amafasitele asezulwini, nginithululele isibusiso kunokwaneleyo.”
- Umuntu omuhle uveza okuhle emfuyweni enhle yenhliziyo, nomubi uveza okubi emfuyweni embi; ngokuba umlomo wakhe ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.
- UJehova, iNkosi yami,
ungamandla ami,
wenza izinyawo zami zibe njengezezindluzelekazi,
angenze ukuba ngihambe ezindaweni zami eziphakemeyo. - Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeziluleko zababi,
ongemi endleleni yezoni,
ongahlali enkundleni yabaklolodayo. - Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa njengokukwethembisa kwakhe, utsheleke izizwe eziningi, kepha ungatsheleki lutho kuzo; uyakubusa izizwe eziningi, kepha zona aziyikukubusa wena.
- Umusa weNkosi uJesu Kristu, nothando lukaNkulunkulu, nokuhlangana kukaMoya oNgcwele makube nani nonke. Amen.
- Ngiyakuzenza zona nezindawo ezizungeza intaba yami zibe yisibusiso, ngehlise imvula ngesikhathi sayo, ibe yizihlambi zesibusiso.
- Ukuze ezintweni zonke nicetshiswe kukho ukuphana konke okuveza ngathi ukubonga uNkulunkulu.
- UNkulunkulu uyasibusisa;
imikhawulo yonke yomhlaba iyakumesaba. - Ungabi ngohlakaniphileyo emehlweni akho;
mesabe uJehova, udede ebubini.
Lokho kuyakuba yimpilo emzimbeni wakho
nokuhlunyelelwa kwamathambo akho. - Babusisiwe abanenhliziyo ehlanzekileyo,
ngokuba bayakubona uNkulunkulu. - UJehova uzakunika abantu bakhe amandla;
uJehova uzakubusisa abantu bakhe ngokuthula. - Kepha uNkulunkulu wokuthula owakhuphula kwabafileyo umalusi omkhulu wezimvu ngegazi lesivumelwano esimiyo njalo, iNkosi yethu uJesu, makaniphelelise kukho konke okuhle, ukuze nenze intando yakhe, esebenza phakathi kwethu khona lokho okuthokozisayo emehlweni akhe ngoJesu Kristu; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.
- Ofumana umfazi uthola okuhle;
uzuzile isisa kuJehova. - Le ncwadi yomthetho mayingasuki emlonyeni wakho, kepha wozindla ngayo imini nobusuku ukuba uqaphele ukwenza njengakho konke okulotshwe kuyo, ngokuba lapho uyakuhlahlamelisa indlela yakho, uphumelele kahle.
- Ngiyakumbonga uJehova ngezikhathi zonke;
ukudunyiswa kwakhe kuyakuba semlonyeni wami njalonjalo. - Ngokuba uJehova uyathokoza ngabantu bakhe;
abathobekileyo uyabahlobisa ngensindiso. - Insindiso ingekaJehova;
isibusiso sakho masibe kubantu bakho. Sela - Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.
- Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani nonke.
Amen. - UJesu wathi kuye: “Ngokuba ungibonile, ukholiwe na? Babusisiwe abakholwa bengabonanga.”
- Izibusiso zisekhanda lolungileyo,
kepha umlomo wababi uyafihla ubudlwangudlwangu. - Ugcine isiyalezo sikaJehova uNkulunkulu wakho ukuba uhambe ezindleleni zakhe, ugcine izimiso zakhe, nemiyalo yakhe, nezahlulelo zakhe, nobufakazi bakhe njengokulotshiweyo emthethweni kaMose, ukuze uphumelele kukho konke okwenzayo nakukho konke okubhekayo.
Izihloko ezihlobene
Umthetho
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Ukulalela umthetho
UJesu waphendula, wathi kuye...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Umusa
Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni...
Ukuthula
UJehova makakubusise, akulondoloze; uJehova...
Ukukhuluma
Ukufa nokuphila kusemandleni olimi...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ingubani le Nkosi yenkazimulo na?UJehova Sebawoti
nguyena oyiNkosi yenkazimulo. Sela
Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Ngenxa yokuba ubuyigugu emehlweni ami,futhi ubudumile, uthandekile kimi,
ngiyakunika abantu esikhundleni sakho,
nezizwe esikhundleni sokuphila kwakho.Ivesi elilandelayo