- Ngakho-ke noma nidla, noma niphuza, noma nenzani, konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu.
- Phakama, Nkulunkulu,
phezu kwezulu,
inkazimulo yakho ibe phezu komhlaba wonke. - Ngiyakukubonga ngobuqotho benhliziyo,
lapho ngifunda izahlulelo zakho ezilungileyo. - Kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu. Inkazimulo mayibe kuye namanje nakuze kube lusuku lwaphakade.
- Kuyakuthi yilowo nalowo
obiza igama leNkosi uyakusindiswa. - Ngiyakujabula, ngethabe kuwe;
ngiyakudumisa igama lakho wena oPhezukonke. - Imihla ngemihla baqinisela nganhliziyonye ethempelini, bahlephula isinkwa ekhaya, badla ukudla kwabo ngentokozo nangobumhlophe benhliziyo, bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.
- KuNkulunkulu noBaba wethu makube ludumo kuze kube phakade naphakade. Amen.
- Izixuku ezazihamba phambili nezazimlandela zamemeza zathi:
“Hosiyana kuyo iNdodana kaDavide!
Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.
Hosiyana kweliphezulu!” - Nomuntu kasokheli isibani, asibeke phansi kwesitsha, kodwa usifaka othini; khona siyabakhanyisela bonke abasendlini. Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu ukuba babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.
- Ngokuba “bonke abayakukhuleka egameni leNkosi bayakusindiswa.”
- Ngalokho yamukelanani, njengalokho noKristu wasamukela, ukuze kudunyiswe uNkulunkulu.
- INkosi iyakungikhulula kuyo yonke imisebenzi emibi, ingisindise, ngize ngifike embusweni wayo osezulwini; makube kuyo inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.
- Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha;
banengqondo enhle bonke abakwenzayo.
Udumo lwakhe lumi kuze kube phakade. - Ngiyakumhubela uJehova kukho konke ukuphila kwami;
ngiyakuhlabelela kuNkulunkulu wami ngisekhona. - Ngiyakubonga, ngikudumise wena Nkulunkulu wawobaba
ongiphile ukuhlakanipha namandla,
wangazisa esasikucela kuwe,
ngokuba usazisile indaba yenkosi. - Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu,
nokuthula emhlabeni kubantu abathokozelwa nguye. - Hlabelelani kuJehova,
ngokuba wenzile izinto ezinkulu;
lokhu makwazeke emhlabeni wonke. - Wayesesukuma uJobe, waklebhula ingubo yakhe, waphucula ikhanda lakhe, wawela emhlabathini, wakhuleka, wathi:
“Ngaphuma ngize esizalweni sikamame;
ngiyakubuyela khona ngize;
uJehova wapha, uJehova uthathile;
malibongwe igama likaJehova.” - Phakama, Nkulunkulu,
phezu kwezulu,
inkazimulo ibe phezu komhlaba wonke. - Sisize, Nkulunkulu wensindiso yethu,
ngenxa yenkazimulo yegama lakho;
usikhulule, usithethelele izono zethu
ngenxa yegama lakho. - Babuya-ke abelusi bemdumisa, bembonga uNkulunkulu ngakho konke abakuzwileyo nabakubonileyo, njengalokho kwakukhulunyiwe kubo.
- Ngokunjalo nabesifazane mabagqoke izingubo ezifaneleyo, bazihlobise ngokuhlonipha nokuqonda, kungabi ngezinwele ezalukiweyo, nangegolide, nangamaparele, nangezambatho ezinemali eningi, kepha njengokufanele abesifazane abashoyo ukuthi besaba uNkulunkulu bahlobe ngemisebenzi emihle.
- Kwathi bekhonza iNkosi, bezila, uMoya oNgcwele wathi: “Ngahlukaniseleni oBarnaba noSawulu ukuba baye emsebenzini engibabizele wona.”
- UJesu esezelwe eBetlehema laseJudiya emihleni kaHerode inkosi, bheka, kwafika izazi eJerusalema, zivela empumalanga, zithi: “Uphi lowo ozelwe eyinkosi yabaJuda na? Ngokuba sibonile inkanyezi yakhe kwelasempumalanga, size ukukhuleka kuye.”
Izihloko ezihlobene
Indumiso
Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa...
Ukucula
Kepha mina ngizakuhlabelela ngamandla...
UNkulunkulu
UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi...
Umkhuleko
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
Ukukhuluma
Ukufa nokuphila kusemandleni olimi...
Ukuthobeka
Ngokuthobeka konke nobumnene, ngokubheka...
Amavesi eBhayibheli osuku
Niklebhule inhliziyo yenu,hhayi izingubo zenu,
niphendukele kuJehova uNkulunkulu wenu,
ngokuba yena unomusa,
unobumnene,
wephuza ukuthukuthela,
unesihe esikhulu,
uhawukela nomubi.
Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Qinani, inhliziyo yenu ibe nesibindi,nina nonke enithemba uJehova.Ivesi elilandelayo