- Ngokuba ngenxa kaKristu nina nabelwa ngomusa, angisho ukukholwa kuye kuphela kepha nokuhlupheka ngenxa yakhe.
- Ngakho lokhu sesilungisisiwe ngokukholwa, sinokuthula kuNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu.
- Ngakho-ke njengokuba sinethuba, asenze okuhle kubo bonke, kepha ikakhulu kwabendlu yokukholwa.
- Ngokuba ngomusa engiwuphiweyo ngisho kulowo nalowo phakathi kwenu ukuthi angacabangi athi mkhulu kunalokho afanele ukukucabanga, kodwa acabange kube ngokuqonda, njengalokho uNkulunkulu abele lowo nalowo isilinganiso sokukholwa.
- Kepha umbhalo uvalele konke phansi kwesono, ukuze isithembiso ngokukholwa nguJesu Kristu siphiwe abakholwayo.
- Ngubani onqoba izwe, uma kungesiye okholwa ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu na?
- Yebo, ukumesaba uNkulunkulu kanye nokwaneliswa kuyinzuzo enkulu.
- Ngokuba uma sikholwa ukuthi uJesu wafa, wavuka, ngokunjalo-ke uNkulunkulu uyakubaletha nabaleleyo kuJesu kanye naye.
- Ngikulwile ukulwa okuhle, ngiqedile ibanga, ngigcinile ukukholwa; sengibekelwe umqhele wokulunga eyakungipha wona ngalolo suku iNkosi, umahluleli olungileyo, kungeyimi ngedwa, kepha bonke abathandile ukubonakala kwayo.
- Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe.
- Ungubani wena owahlulela inceku yomunye na? Kusenkosini yayo ukuma noma ukuwa kwayo; kepha iyakumiswa, ngokuba iNkosi inamandla okuyimisa.
- Ngokuba anginamahloni ngevangeli; ngokuba lingamandla kaNkulunkulu, kube yinsindiso kulowo nalowo okholwayo, kumJuda kuqala, nakumGreki.
- Ngokuba isiphetho somthetho nguKristu, kube ngukulunga kubo bonke abakholwayo.
- Thina singabaJuda ngemvelo, singesizo izoni zabezizwe; kepha lokhu sazi ukuthi umuntu akalungisiswa ngemisebenzi yomthetho, kuphela ngokukholwa nguKristu Jesu, nathi sakholwa nguKristu Jesu ukuba silungisiswe ngokukholwa nguKristu kungengemisebenzi yomthetho; ngokuba ngemisebenzi yomthetho akuyikulungisiswa nyama.
- Kepha, bazalwane, ngiyanikhumbuza ivangeli enganishumayeza lona nenalamukelayo nenimi kulo, nenisindiswa ngalo, nxa nibambelela ezwini enganishumayeza lona, uma kambe ukukholwa kwenu kungabanga yize.
- Kepha manje kubonakalisiwe ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngaphandle komthetho, kufakazelwa ngumthetho nabaprofethi, ngisho ukulunga kukaNkulunkulu ngokukholwa nguJesu Kristu kubo bonke abakholwayo; ngokuba akukho mahluko.
- Ngokuba sesingabahlanganyela kuKristu, uma sibambisisa ithemba lethu lokuqala kuze kube sekupheleni.
- Ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi; abanye ngokuyifisa badukelwa ukukholwa, bazigwaza ngeminjunju eminingi.
- Ngokuba kuKristu Jesu akusizi lutho ukusoka nokungasoki, kepha kuphela ukukholwa okusebenza ngothando.
- Kepha nina bathandekayo, yakhelanani ekukholweni kwenu okungcwele kakhulu, nikhuleke ngoMoya oNgcwele, nizigcine othandweni lukaNkulunkulu, nibheke umusa weNkosi yethu uJesu Kristu, kube ngukuphila okuphakade.
- Ngokuba ngilangazelela ukunibona ukuze nginabele isipho esithile somusa sokomoya ukuba niqiniswe, okungukuthi siduduzane kanye nani phakathi kwenu ngokukholwa kwethu okwenu nokwami.
- Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo mina naye uyakuyenza, nemikhulu kunale uyakuyenza; ngokuba mina ngiya kuBaba.
- Xwayani, bazalwane, ukuba nakoyedwa kini kungabikho nhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa kuNkulunkulu ophilayo.
- Kuvunyiwe ukuthi inkulu imfihlakalo yokukhonza uNkulunkulu yokuthi:
Owabonakaliswa enyameni, walungisiswa emoyeni,
wabonwa yizingelosi, washunyayelwa ezizweni,
wakholeka ezweni, waphakanyiselwa enkazimulweni. - Okholwa yiNdodana unokuphila okuphakade; kepha ongakholwa yiNdodana kayikubona ukuphila, kodwa intukuthelo kaNkulunkulu ihlezi phezu kwakhe.
Izihloko ezihlobene
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Insindiso
Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba...
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Ukulunga
Olandela ukulunga nomusa uyafumana...
Ukwethemba
Themba kuJehova ngayo yonke...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
Amavesi eBhayibheli osuku
UJehova muhle, ulungile;ngalokho ufundisa izoni indlela.
Abathobekileyo ubaholela kokulungileyo,
abathobekileyo ubafundisa indlela yakhe.
Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni;usizo lwami luvelaphi na?
Usizo lwami luvela kuJehova
owenzile izulu nomhlaba.Ivesi elilandelayo
