- Gingqela kuJehova imisebenzi yakho,
ukuze kuqiniswe amasu akho. - Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho,
ungenciki kokwakho ukuqonda.
Mazise yena ezindleleni zakho zonke,
uyakuqondisa imikhondo yakho. - Isihhe neqiniso makungakushiyi;
kubophe entanyeni yakho,
ukulobe esibhebheni senhliziyo yakho,
ukuze uthole umusa nodumo oluhle emehlweni kaNkulunkulu nabantu. - Osibekela isiphambeko ufuna uthando,
kepha onokondisa indaba wahlukanisa abahlobo. - Umphefumulo ophanayo uyakukhuluphaliswa;
ophuzisayo uyakuphuziswa naye. - Olandela ukulunga nomusa
uyafumana ukuphila, nokulunga, nodumo. - Khulisa umntwana ngendlela eyakuba ngeyakhe;
kuyakuthi lapho esekhulile,
angasuki kuyo. - Phezu kwakho konke okugcinayo,
gcina inhliziyo yakho,
ngokuba kuyilapho kuvela khona ukuphila. - Njengasemanzini ubuso bubhekana nobuso,
injalo inhliziyo yomuntu kumuntu. - Umngane uthanda ngezikhathi zonke,
nomzalwane uzalwa ekuhluphekeni.
Izihloko ezihlobene
Inhlakanipho
Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha...
Ukulunga
Olandela ukulunga nomusa uyafumana...
Ukukhuluma
Ukufa nokuphila kusemandleni olimi...
Imali
Ukwenza kwenu makungabi ngokokufisa...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
Thembeka
Bantwanyana, masingathandi ngezwi nangolimi...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho futhi elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
UJehova makakubusise, akulondoloze;uJehova makakhanyise ubuso bakhe phezu kwakho,
abe nomusa kuwe;
uJehova makaphakamise ubuso bakhe phezu kwakho,
akuphe ukuthula.Ivesi elilandelayo