- UJehova muhle, uyinqaba ngosuku lwenhlupheko,
uyabazi abaphephela kuye. - INkosi iyakungikhulula kuyo yonke imisebenzi emibi, ingisindise, ngize ngifike embusweni wayo osezulwini; makube kuyo inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.
- Fundani ukwenza okuhle,
nifune ukwahlulela,
niqondise abacindezeli,
nahlulele izintandane,
nimele umfelokazi. - UJehova ukhulula umphefumulo wezinceku zakhe;
akakho kwabamethembayo oyakuba necala. - Nguye kuphela oyidwala lami nensindiso yami, inqaba yami;
angiyikunyakaziswa kakhulu. - Indlela kaNkulunkulu iphelele;
izwi likaJehova lihlanzekile;
yena uyisihlangu kubo bonke abaphephela kuye. - Egcina izindlela zokulunga,
elondoloza imikhondo yabathembekileyo bakhe. - Oqondileyo uyabona ububi, acashe,
kepha abangenalwazi badlula nje, bahlupheke ngakho. - Kabasayikulamba, kabasayikoma kabasoze bahlatshwa yilanga nakushisa kuni, ngokuba iWundlu elingaphakathi nesihlalo sobukhosi liyakubelusa, libaholele emithonjeni yamanzi okuphila; noNkulunkulu uyakwesula izinyembezi zonke emehlweni abo.
- Wena Jehova ungangigodleli ububele bakho;
umusa wakho neqiniso lakho makungilonde njalo. - Ngakho hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu ukuba nibe namandla okuzabalaza ngosuku olubi, nalapho senifeze konke, nime.
- UJehova uyinqaba yocindezelweyo,
uyinqaba ezikhathini zokuhlupheka. - Uma umuntu echitha ithempeli likaNkulunkulu, uNkulunkulu uyakumchitha yena, ngokuba ithempeli likaNkulunkulu lingcwele; niyilo-ke nina.
- Uyabekela abaqotho isibusiso,
uyihawu kwabahamba bengenacala. - Ungasingenisi ekulingweni,
kodwa usikhulule kokubi;
ngokuba umbuso ungowakho,
namandla, nenkazimulo,
kuze kube phakade. Amen. - Aluthokozi ngokungalungile, kepha luthokozela iqiniso; lubekezelela izinto zonke, lukholwa yizinto zonke, luthemba izinto zonke, lukhuthazelela izinto zonke.
- Nguye kuphela oyidwala lami nensindiso yami,
inqaba yami; angiyikunyakaziswa. - Ngokuba wena Jehova uyambusisa olungileyo;
umphahla ngomusa njengesihlangu. - Wathi uJehova kuSathane: “Bheka, konke anakho kusesandleni sakho; kuphela kuyena uqobo ungabeki isandla sakho.” Wayesephuma uSathane ebusweni bukaJehova.
- UJehova uyalondoloza abafokazi;
uyaphasa intandane nomfelokazi;
kepha indlela yababi uyayiphambanisa. - Ngokuba wena uyokhela isibani sami;
uJehova uNkulunkulu wami uyakhanyisa ubumnyama bami. - Funani uJehova nina nonke bathobekileyo bomhlaba
enisebenzile ukwahlulela kwakhe;
funani ukulunga; funani ukuthobeka;
mhlawumbe niyakusitshekelwa ngosuku lolaka lukaJehova. - Ngokuba akayikugudluka kuze kube phakade;
olungileyo uyakukhunjulwa kuze kube phakade.
Izihloko ezihlobene
Ukuphepha
Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa...
Thembekile
Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa...
Ukulunga
Olandela ukulunga nomusa uyafumana...
Okubi
Unganqotshwa ngokubi, kodwa nqoba...
Ukwethemba
Themba kuJehova ngayo yonke...
IZwi likaNkulunkulu
Ngokuba izwi likaNkulunkulu liphilile...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ingubani le Nkosi yenkazimulo na?UJehova Sebawoti
nguyena oyiNkosi yenkazimulo. Sela